EzintshaOrlando Pirates

Sebetholelwe iqembu abazodlala kulo abeBucs 

Iqembu leMotsepe Foundation Championship i-Upington City yilo eligcine lithole uJabu Mokone noSeth Green be-Orlando Pirates.

I-SABC Sport ibika ukuthi laba bobabili bazojoyina i-Upington ngokubolekiswa kuze kuphele isizini ka-2024/25.

Bobabili laba badlali basanda kukhethwa ngabalandeli ukudlala eqenjini leCarling All-Star, elishaye iMagesi FC ngo 3-0 kwiCarling Black Label Cup.

Lokhu kuphawula isizini yesibili uMokone, oneminyaka engu-21 ubudala eqokwe abalandeli kuleli qembu. 

UMokone ukwazi ukudlala njengomdlali wasemuva kwesokudla noma ophikweni lwesokudla ehlasela.

Naphezu kwezifiso zabalandeli zokuthi bakhushulelwe eqenjini elikhulu, iPirates ibisagcine uMokone noGreen eqenjini layo le-DStv Diski Challenge. 

UMokone yena ubeseke waziqeqesha neqembu elikhulu, kodwa umqeqeshi uJose Riveiro ulokhu egcizelela ukuthi akumele kujahwe ukukhuphuka kwabo.

Kodwa manje sekuqinisekisiwe ukuthi bobabili abadlali sebezosebenza ngaphansi komqeqeshi uBrandon Truter kwi-Upington.

UTruter, obuyele kuleli qembu ngemuva kokuxoshwa kwiRichards Bay, uhlose ukuphakamisa iqembu lisuka engxenyeni engezansi kwilogi liye emidlalweni yokuhlunga.

UMokone noGreen, nabo abahlanganisa iminyaka engu-21 kulo nyaka, kulindeleke ukuthi baqinise isikwati ngesiwombe sesibili sesizini.