EzintshaKaizer Chiefs

Ichithiwe iChiefs kwebimfuna eTanzania

Isicelo seKaizer Chiefs sokudayiselwa umdlali wasesiswini waseTanzania uFeisal Salum sichithiwe yi-Azam FC.

Lezi zinkunzi zaseSoweto kubikwa ukuthi besifake isicelo esiqinile esihambisana nemali ebhekile njengoba bezifuna lesi sihlabani esineminyaka engu-26 ubudala. 

USalum ulokhu engumdlali ovelele kwiligi yaseTanzania kusukela kumasizini adlule.

Emizamweni wokumgcina, i-Azam FC ivele yamnunusela ngenkontileka entsha, naye wayisayina. 

Lesi sinyathelo kuhloswe ngaso ukuvimba amaqembu anentshisekelo ngaye, okuhlanganisa nezimbangi zaseTanzania iSimba SC.

Umuntu ongaphakathi kwi-Azama utshele iFARPost ukuthi i-Azam FC izocubungula kuphela izicelo ezingaphezu kuka-R40 million.

Lesi samba sibonakala kuhloselwe ngaso ukudikibalisa amaqembu anesifiso sokuthenga lo mdlali.

“Ungumdlali wethu ongcono kakhulu, futhi ikilabhu ngokusobala ifuna ukumgcina ngazo zonke izindlela. 

“Kuzothatha imali engaphezu kuka-5 Billion Shillings (imali yaseTanzania elinganiselwa ku-R40 million kweyakuleli) ukuze bacabange ngokumdedela,” kusho umthombo.

Leli qembu laseDar es Salaam kubikwa ukuthi likubeke kwacaca kwiChiefs neSimba ukuthi uSalum ubalulekile ezinhlelweni zalo zesikhathi esizayo.

I-Azam FC ithe ihlose ukuphonsela inselelo isicoco seligi nezinye izindebe.