AmaZuluEzintsha

OwoSuthu ujabulele kakhulu u-Athini Maqokolo bebhubhisa iChippa

Uvume ingcindezi ayithole kumqeqeshi wakhe umdlali waMaZulu FC u-Athini Maqokolo ngemuva komdlalo wangoMgqibelo.

Lo mdlali osemncane ushaye amagoli amabili bebhubhisa iChippa United ngo 5-1 emdlalweni weBetway Premiership eMoses Mabhida Stadium.

Ekhuluma ngemuva komdlalo, u-Athini Maqokolo uthe umqeqeshi u-Arthur Zwane ubembelesele ejimini ngokushaya amagoli.

“Ubelokhu engitshela ukuthi sesiside isikhathi ngagcina ukushaya igoli,” kusho uMaqokolo.

UZwane nokho yena uthe usakhala ngalo mdlali wakhe ngoba bekumele aphume noma namane. 

Uthe amathuba bawakhile futhi bebengashaya okungenani amanye amagoli amathathu ngaphezulu.

“Siyawakha amathuba – amanye awekho mahle. Kodwa uma ubuka namuhlasikwazile ukuwasebenzisa.

“Kodwa noma kunjalo, ngicabanga ukuthi amagoli amahlanu awavezi isithombe esicacile ngamathuba esiwakhile.

“Ngicabanga ukuthi besingawashaya ayisithupha noma ayisikhombisa…

Ube esencoma u-Athini Maqokolo oshaye amagoli amabili futhi waqokwa njengoMdlali oVelele kulo mdlalo. 

“Ngimjabulele kakhulu lo mfana, uma ubheka imidlalo embalwa edlule wonke amathuba esiwakhile, nguye owagejile.

“Ubehluleka ngisho esebhekene nonozinti ngqo. Nakhona namuhla ubengashaya amane.

“Kodwa ngimjabulelile uma eshaya elokuqala ngoba kusuke umthwalo kimi ngoba bengimfisela ukuthi alishaye.

“Yingakho ngimgcinile enkundleni isikhathi eside. Ushwebe elinye, ibhola lakhe lazishayisa epalini… 

“Maningi namanye, ubeshaywa yizinqumo. Kodwa kuthe uma eshaya elesibili ngabonga uMdali. Ngimjabulele kakhulu.