EzintshaOrlando Pirates

IPolokwane ikhathele ukuba yiminqolo ye-Orlando Pirates

La maqembu azohlangana emdlalweni weBetway Premiership e-Old Peter Mokaba Stadium ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

I-Orlando Pirates ivamise ukuzenzela kalula kwiPolokwane City kanti uMohafe uyakwazi lokho futhi uthembisa ukukushintsha kulokhu. 

UJose Riveiro, ozoshiya i-Orlando Pirates ekupheleni kwesizini, usanda kuvuma ukuthi kunzima ukudlala e-Old Peter Mokaba Stadium.

Lokhu bekungemuva kokudlala ngokulingana ngo 2-2 neSuperSport United ngenyanga edlule.

Kodwa uMohafe ukholwa ukuthi iPirates ijwayele ukudlala ezinkundleni ezincane futhi inqobe. 

“Angicabangi ukuthi kuvuna thina lokho. Badlallie ezinkundleni ezifanayo ezweni lonke phambilini,” kusho uMohafe.

IPirates inerekhodi elihle uma ibhekene nePolokwane City. Emidlalweni engu-17, inqobe eyisishiyagalolunye, yadlala ngokulingana eyisikhombisa, yahlulwa kowodwa. 

“Bahlale besishaya, kodwa bayazi ukuthi akulula neze. Asiyona iminqolo,” kwengeza uMohafe.

IPolokwane City ijaha ukuqeda emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu kwilogi kanti kumanje isendaweni yesithupha.

UMohafe usebheke ukunqoba kuyo yonke imidlalo yakhe yasekhaya esele ukuze athole akwazi ukufeza isifiso seqembu. 

“Sinemidlalo emithathu yasekhaya esele — owePirates, oweSuperSport, nowaMaZulu FC. 

“Uma sinqoba yomithathu, sizofinyelela kumaphuzu angu-46 bese siqinisekisa indawo yethi kwayisishiyagalombili aphezulu,” kuchaza yena.

I-Rise and Shine yenza kahle ekhaya kule sizini, inqobe eyisithupha, yadlala ngokulingana kwemithathu, yahlulwa kwemibili kuphela emidlalweni yeligi engu-11.

“Senza isiqiniseko sokuthi asihlulwa ekhaya,” kusho uMohafe, ethembisa iPirates ukuthi komele ikusebenzele ukubaphendula iminqolo.

IPolokwane City izongena kulo mdlalo ngokuzethemba ngemuva kokunqoba ngo 3-1 kwiRichards Bay ngeSonto eledlule. 

Ukunqoba kuqede ukugijima kwabo imidlalo eyisishiyagalombili bengawini kuyo yonke imiqhudelwano.

Ukunqoba kukhulise ukuzethemba, kanti uMohafe ufuna iqembu lakhe lakhe lakhele kulowo mfutho.

NgoMgqibelo kulindeleke ukuthi kube umdlalo oshubile njengoba womabili la maqembu elwela amaphuzu abalulekile eligi.

I-Orlando Pirates ifuna ukugcina amathuba ayo esicoco ephila, kanti iPolokwane ifuna ukuqinisa indawo yayo kwayisishiyagalombili aphezulu.