
UBenni McCarthy uhlonishwe yiqembu avelela kulo kwi-EPL
Ingwazi yebhola laseNingizimu Afrika uBenni McCarthy uhlonishwe yiBlackburn Rovers ngesikhathi le kilabhu igubha iminyaka engu-150 yasungulwa.
Umcimbi wokugubha lengqophamlando ube yisidlo sakusihlwa ebesise-Ewood Park, lapho lo mgadli wakudala ehlonishwe khona ngeqhaza lakhe.
Lowo owayengumgadli weBafana Bafana usengomunye wabadlali abadume kakhulu abake badlala kwiRovers.
Washaya amagoli angu-52 emidlalweni engu-141 ngemuva kokujoyina leli qembu esuka kwiFC Porto ePortuagl ngo-2006.
Isizini yakhe yokuqala ayisoze yalibaleka njengaba ashaya amagoli angu-24, futhi yaqinisa indawo yakhe emlandweni wekilabhu.
Umcimbi obugcwele izihlabani ubuphethwe uKevin Gallacher no-Andy Bayes, kanti bewuhanjelwe izihambeli ezingaphezu kuka-350.
Leli dili libonise ifa elicebile leBlackburn, elihlanganisa izicoco ezintathu ze-EPL, ezeFA Cup eziyisithupha neseLeague Cup.
UBenni McCarthy ubephakathi kwezingwazi zekilabhu ezithole amaHonor Caps, ngokubeka induku ebandla.
Abanye abahlonishiwe ngo-Alan Shearer, uPhil Jones, uCharlie Mulgrew, uCraig Short, uCraig Conway noRoger Jones.
Nokho kubuye kwanomunyu kukhunjulwa uTony Parkes, oshone kusele usuku olulodwa ngaphambi kwalo mcimbi.
Umqeqeshi wamanje uMichael O’Neill nethimba lakhe nabo bahlonishwe ngokubuyisela leli qembu kwiChampionship.
Inzuzo eyenziwe ngalo mgubho izofakwa esikhwameni seBlackburn Rovers Former Players Association, esibhekelele abadlali bakudala baleli qembu.
