Betway PremEzintsha

OweCity ojuqe iGalaxy uthi kuseyisiqalo lesi

UMaseko ungomunye wabadlali abebekhona kwiCity ngesikhathi idlala futhi inqoba iMotsepe Foundation Championship ngesizini edlule. 

Ube nomdlalo omuhle ngesikhathi iDurban City iphendula iTS Galaxy iminqolo iyishayela ekhaya ngo 2-0 ngeSonto ntambama.

Uqokwe njengomdlali ovelele, kanti uthe wukuzikhandla ngaso sonke isikhathi okumenze wakwazi ukusheshe ajwayele kulesi sigaba esisha.

“Kona bekungelula, bekumele ngizilungiselele nangokomqondo ngoba manje sesisesigabeni esiphezulu,” kusho uMaseko kwabakamabonakude.

“Ngingasho nje ukuthi ukusebenza kanzima ngesikhathi kuvaliwe isizini kungisize kakhulu.

“Akukho okudlula ukuzinikela kuyo yonke into. Ukube bengihleli ngizikhululekele ngithi ngizojima ngoba sekuvulwe isizini, bekungeke kube lula kanje.

“Kumele kube nzima ejimini ukuze kube lula emdlalweni – izinto zizenzakalele, kube lula.” 

Ube esethembisa ukuthi yize eselishayile igoli lokuqala, futhi wakhombisa ukuthi ungumdlali ozokwazi ukumelana nezinselelo zalesi sigaba, lokhu kuseyisiqalo nje.

“Ngongasho nje ukuthi kusazosetshenzwa. Ukuthi ngilishayile lapha igoli emdlalweni wokuqala esigabeni esiphezulu akusho ukuthi sekumele ngehlise.

“Ngisazoqhubeka nokusebenza kanzima. Nomqeqeshi uhlezi engikhuthaza ngokungithethisa ejimini uma ngilahla ibhola kalula. 

“Ngakho kumele ngiqhubeke ngisebenze kanzima,” kwengeza lo mdlali ogqoka unombolo 10 kuleli qembu laseThekwini. 

UMaseko nguye oshaye igoli lokuqala kulo mdlalo obuseMbombela Stadium ekuqaleni kwesiwombe sesibili. 

UMfanafuthi Mkhize ube eseshaya elesibili ngomzuzu ka-60 nokuyilo eliqinisekise ukuthi babuyela eThekwini namaphuzu agcwele.

Ngalo mphumela, iCity inonkele yayohlala esicongweni kwilogi yeBetway Premiership ngemuva kwemidlalo yokuvula.