
UPitso Mosimane ubabaza ‘ishwa kuBathusi Aubaas
U-Pitso Mosimane ukhale ngeshwa elilandela u-Bathusi Aubaas, ophinde walimala ebuyela kwiBafana Bafana.
U-Aubass ukhishwe ngesiwombe sokuqala somdlalo weBafana ne-Eritrea ngoLwesithathu ebusuku eselimele.
“U-Aubaas ungumdlali oneshwa. Uphuthelwe yiNdebe yoMhlaba ngenxa yokulimala,” kusho uMosimane.
“Manje ubesezilungiselele ukubuya azodlala, waphinde walimala. Uekhala egunjini lokushintshela.”
U-Pitso Mosimane uthe iBafana izomeseka u-Bathusi Aubass futhi imnike ukuzethemba, wathi usenalo ithemba lokuthi uzobuya maduze.
Ukulimala kuka-Aubaas kuphinde kwengeze izinkinga phakathi nenkundla njengoba uTeboho Mokoena naye engaphandle ngenxa yokulimala.
Lokhu sekuzoba yinkinga enkulu ngaphambi komdlalo wobungani ne-Egypt ngeSonto, njengoba uMosimane kudingeke asebenzise uThemba Zwane esiswini.
- FUNDA NALA | URonaldo udube elesizwe, usazophalaza amaqiniso
Nokho, uMosimane uncome uBrooklyn Poggenpoel ngokusebenzisa kahle ithuba alinikiwe, wathi udlale sengathi ubejwayele ukuba seqenjini.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
