
UVonk uhlonza abeChiefs abamchazile eNetherlands
Owayengunozinti weBafana Bafana, uHans Vonk, ubeyingqapheli ngesikhathi iKaizer Chiefs idlala nePEC Zwolle eMeppel, eNetherlands.
IKaizer Chiefs inqobe ngo 1-0 kulo mdlalo, obuyingxenye yohambo lwayo lwemidlalo emihlanu yase-Europe ibhekene namaqembu ahlukene aseNetherlands.
UVonk, obewubhekisisile lo mdlalo, uphawule ukuthi inseleli yokuqala ebhekane neKaizer Chiefs kube wukujwayela izinkundla zakuleliya zwe.
Uthi zithambile futhi zenza ibhola lisheshe kakhulu kunezinkundla zaseNingizimu Afrika abadlali beChiefs abazijwayele.
Phezu kwalokhu uncome ikhono leqembu lokusheshe lijwayele lesi simo nokulawula umdlalo ngemuva kwemizuzu engu-15 yokuqala.
“Ngikuthandile ukuhlangana kweqembu,” kusho uVonk, egqamisa uhlaka lokudalla lweGlamour Boys.
Ube esehlonza abadlali abathathu abamhlabe umxhwele kakhulu: okungoNkosingiphile Ngcobo, uNkanyiso Shinga odlala kwesokunxele nomdlali wasesiswini uSibongiseni Mthethwa.
UVonk, owadlala imidlalo engu-43 kwiBafana Bafana, akanandaba nokuhlulwa kweChiefs kule eminye imidlalo yokuzilungiselela isizini.
Ugcizelele ukuthi le midlalo imayelana nokuzilungiselela, ukuzijwayeza izimo ezintsha, nokwakha ubumbane eqenjini.
Ukholwa ukuthi ikhempu yaseNetherlands ibe “yisipiliyoni esihle” eqenjini, yanikeza abadlali izifundo ezibalulekile bebhekene namaqembu aqnile ase-Europe.
UVonk, owayengunozinti weHeerenveen ne-Ajax Cape Town uphinde waveza ukuthi ungumunye wabantu abawalandelayo Amakhosi kusukela kudala.
Ngaphambi komdlalo, ubingelelwe ngabadlali abaningi abakhuliswe yi-Ajax Cape Town ngesikhathi esadlala kuyo manje asebekwiChiefs.
Kulabo badlali bekukhona unozinti uBrandon Petersen, umgadli uTashreeq Morris nezitobha oRushwin Dortley noDillan Solomons.
WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO
