
IPirates idedela abanye abadlali abayisikhombisa
I-Orlando Pirates isimemezele ngokusemthethweni ukuthi isidedele abadlali abayisikhombisa ngaphambi kokuqala kwesizini entsha.
Leli qembu belivele selike lasayina inqwaba yabadlali, banti bekulokhu kulindiwe ukuthi yibaphi abazodedelwa ukuvula izikhala.
Kwabadedeliwe kukhona uThabiso Sesane noSelaelo Rasebotja asebedayiselwe iSiwelele FC.
USiyabonga Ndlozi noGomolemo Khoto bona badayiselwe iSekhukhune United.
USonwabo Khumalo noBlessing Ngiba bona badedelelwe iMidlands FC edlala kwiMotsepe Foundation Championship.
Bese kuthi uSeth Green yena udayiswe kwiDurban City edlala kwiBetway Premiership.
I-Orlando Pirates ibonge bonke laba badlali ngeqhaza abalibambe ngesikhathi besadlalela le kilabhu.
Iphinde yabafisela inhlanhla emsebenzini wabo omusha, yathi izoqhubeka nokwazisa abalandeli ngazo zonke izinguquko zesikwati njengoba kulungiselelwa isizini entsha.
“Ikilabhu idlulisa ukubonga kwayo okunzulu kumdlali ngamunye ngokuzinikela nokuziphatha kwabo ngesikhathi benathi,” kusho iqembu ngesitatimende.
“Ngokumela wonke umndeni we-Orlando Pirates, ikilabhu ifisela laba badlali impumelelo njengoba beqala izigaba ezintsha emsebenzini wabo ngokwehlukana kwabo.”
- FUNDA NALA | OweDowns usinde edutshulwa
Laba badlali balandeli oTshegofatso Mabasa, Bandile Shandu, Karim Kimvuidi, Gilberto, Sipho Mbule, noThabiso Lebitso abadedelwe ngenyanga edlule.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
