EzintshaMamelodi Sundowns

OweSundowns usinde edutshulwa ‘esiza’ eGoli

Isenzo somdlali weMamelodi Sundowns sokuzama ukusiza umuntu obebanjwe inkunzi sicishe sadlula nempilo yakhe.

Sekuvele ukuthi uDivine Lunga usesinde kukubi edutshulwa eGoli ngesikhathi ehamba ngemoto nabangani bakhe.

Ngokubika kweKaya FM, uLunga nabangani ubehamba ngeBMW eluhlaza okwesibhakabhaka kuTudhope Street ngesikhathi bemiswa owesilisa ongaziwa.

Ngokwamaphoyisa, lo wesilisa utshele uLunga nabangani bakhe ukuthi ubecabanga ukuthi bangamaphoyisa omgwaqo angagqokile umfaniswano. 

Uphinde wabatshela ukuthi abantu ababehamba ngemoto ebiphambi kwabo bebesanda kumphuca imali engu-R34 000.

ULunga, odlala emuva kwesokunxele kwi-Mamelodi Sundowns, nabangani bakhe banqume ukulandela leyo moto bezama ukusiza.

Ngesikhathi beyilandela, kuthiwa omunye wabantu ababesemotweni okusolwa ukuthi ngeyalaba baphangi ube esevulela inhlamvu ebhekise emotweni kaLunga.

Enye yezinhlamvu ishaye iBMW yashiya imbobo emotweni. Ngenhlanhla, akekho olimele kulesi sigameko.

Amaphoyisa aseHillbrow asevule icala lokuzama ukubulala futhi ayaqhubeka nophenyo. Okwamanje akukaboshwa muntu.

I-Mamelodi Sundowns beyingakakhiphi sitatimende ngalesi sigameko ngesikhathi sokushicilela.