EzintshaOrlando Pirates

OwePirates uveza okwenze uPatrick Maswanganyi abuyelwe umgqigqo

Umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou ukholwa ukuthi uPatrick Maswanganyi ungene ngesikhathi esihle emgqigqweni. 

Uthi yisikhathi esihle njengoba iPirates isemjahweni oshubile wokunqoba isicoco seligi.

UMaswanganyi uphinde washaya igoli ngesikhathi iPirates ihlula iMagesi FC ngo 3-0 ePeter Mokaba Stadium ngoMgqibelo.

NangoLwesithathu ulishayile igoli futhi wakha elinye beshaya iStellenbosch FC ngo 2-0. 

Ngasekuqaleni kwesizini uke wadonsa kanzima futhi indawo kaNombolo-10 yagcina seyinikwa uRelebohile Mofokeng.

Kodwa noma nini lapho u-Ouaddou enika uPatrick Maswanganyi ithuba, ubenza kahle.

Ithuba lakhe libuye ngokugcwele kulandela ukulimala kukaTsepang Moremi okuphoqe ukuthi uMofokeng abuyiselwe ophondweni. 

U-Ouaddou uthi lo mdlali wasesiswini ekugcineni useyakuqonda kahle abakudinga kuye.

“Muhle kakhulu. Ngicabanga ukuthi muhle kakhulu,” kusho u-Ouaddou.

“Ekuqaleni kwesizini, mhlawumbe indlela engangifuna sidlale ngayo beyimxaka. 

“Kodwa manje useyayiqonda. Uyakwazi okulindeleke kuye nendlela esifuna adlale ngayo.”

Umqeqeshi wePirates uncome ubuhlakani bukaPatrick Maswanganyi, ukuzola nekhono lokulawula imidlalo ezindaweni eziyingozi.

“Uyakwazi ukushaya igoli, asize ukuwakha, futhi akatatazeli uma sekubhekwe epalini,” kwengeza lo mqeqeshi waseMorocco. 

“Kubaluleke kakhulu ukuba nomdlali onjalo.”

Njengoba iPirates isajaha isicoco sayo sokuqala seligi kusukela ngo-2011/12, u-Ouaddou usezothemba ukuthi uMaswanganyi uzoqhubeka nefomu yakhe enhle.