AmaZuluEzintsha

Azobona ngomopho azohlomekela iDowns – Cijimpi

  • Alfred NGUBANE

UMokwena uhlukane neSundowns ngendlela engeyinhle ngenyanga edlule kanti manje usekwiWydad Atheltic eMorocco. 

Ukushiya kwakhe kujike amehlo kwawabhekisa wonke kuleli qembu lasePitori njengoba abalandeli befuna ukubona lizokwenza njani engasekho.

Phela uMokwena ubeyihlanganise kahle kakhulu iSundowns futhi iqede isizini ishaywe kanye vo kwiPremiership. 

Umsebenzi ube sewunikwa uManqoba Mngqithi kanti akabanga nesiqalo esithembisayo kule midlalo emibili esayidlalile. 

ISundowns yadlula ngenhlanhla yegoli elaba umkhonto ogwaza kwiPolokwane City emzuliswaneni wokuqala kwiMTN8. 

Ibe seyithola isibhaxu sika 1-0 kwiStellenbosch FC emdlalweni womlenze wokuqala kweyandulela owamanqamu ngoLwesithathu. 

Kodwa noma kunjalo, uCijimpi uthi yena usazoyihlonipha futhi azi ukuthi kumele azibambe ziqine uma ebhekene nayo. 

“Ngeke siyithathe kancane iSundowns ngokuthi sicabange ukuthi izokwehlelwa yifomu,” kusho uCijimpi.

“Ukuhamba komqeqeshi obekhona akusho lutho ngoba noManqoba ngumqeqeshi onolwazi olunzulu futhi onamava,” kusho lo mqeqeshi. 

Uthe amaqembu azoyihlomekela iSundowns ngoba ecabanga ukuthi ayisafani, ayobona ngomopho.

Lo mqeqeshi ubekhuluma ngesikhathi Usuthu luyonikezelwa ngezimoto ezintsha elizozisebenzisa kule sizini.

Beluzithola enkampanini engabaxhasi bayo iMitsubishi ebuye ikklomelise nomlandeli oyedwa ngemoto entsha sha njalo ngesizini.