EzintshaKaizer Chiefs

OweChiefs uchaza ngokubuya kukaTash Morris obe yiqhawe 

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uKhalil Ben Youssef uchaze ukuthi kungani umgadli uTashreeq Morris egcine ebuyisiwe ngesikhathi benqoba kwiSekhukhune United.

Lo mgadli udlale okokuqala kwiBetway Premiership kule sizini futhi akachithanga sikhathi wazibuyisela ezinhliziyweni zabalandeli.

Esuka ebhentshini ngemizuzu yokugcina, uTash Morris ubeke iKaizer Chiefs phambili ngomzuzu ka-86, evalela phakathi ibhola ebeligotshwe uGlody Lilepo.

Elinye liqhamuke noMfundo Vilakazi, ovalele phakathi iphenathi etholakale kade kudlaliswe kabi uLilepo. 

Lokhu kunqoba kuqinisekise ukuthi Amakhosi ayabuyela ebholeni lezwekazi ngesizini ezayo njengoba ezodlala kwiCaf Confederation Cup.

Ekhuluma ngemuva komdlalo, umqeqeshi weKaizer Chiefs uveze ukuthi ukubuyela kukaTashrique Morris bekuhlelwe ngokucophelela.

“UMorris ungomunye wabadlali bethu; usebenza kanzima ejimini,” kusho lo mqeqeshi weChiefs.

“Besilindile kwaze kwaba yisikhathi esifanele futhi ngicabanga ukuthi lesi bekuyisikhathi esifanele sokumethula eqenjini.”

Lo mqeqeshi weKaizer Chiefs uphinde wancoma abasebenzi bekilabhu abaqinisekise ukuthi uTashrique Morris uyelulama ngokomzimba nangokwengqondo.

“Abantu basebenze kanzima ngemuva kwezigcawu ukulungisa lo mdlali,” kwengeza uBen Youssef. 

“Ngicabanga ukuthi kufanele ngibonge futhi ngihalalisele abaqeqeshi abalolonga imizimba uDillon noNathi.”

IChiefs manje isigxile ohambweni olunzima oluya KwaZulu-Natal lapho izobhekana khona naMaZulu FC ngaphambi kokuvala neChippa United.