DStv PremiershipEzintsha

Inkakha ye-Arrows ayiyizwa kahle ekaKhenyeza noDikgacoi

  • Alfred NGUBANE

Ngokubona kwakhe, ukuze leli qembu likhule likwazi ukufika ezingeni elifanele, kumele liqashe umqeqeshi onesipiliyoni. 

UMabhuti Khenyeza ubuyiselwe kulo msebenzi kulandela ukushiya isigubhukane kukaSteve Komphela obuyele kwiMamelodi Sundowns.

Kuleli sonto ube eseqashelwa uKagisho “KG” Dikgacoi ukuze azobambisana naye kulo msebenzi waBafana Bes’thende. 

Kukhona nenye inkakha yeqembu, uMusa Bilankulu ethimbeni elicija i-Arrows, kodwa uManqana ubona besadinga ukuqiniswa ukhakhayi.

“Basadinga umqeqeshi ozobadodisa ngolwazi,” kusho uManqana oyinxusa leMTN8 ekhuluma neLisenethini. 

Kuzokhumbuleka ukuthi i-Arrows yashiywa nguVusimuzi “Kanu” Vilakazi kade yenza kahle, yasala yamsinda uKhenyeza noBilankulu. 

Yaphela yisibhaxu kwaze kwagcina kuphoqa uMato Madlala, ongusihlalo, ukuthi aqashe uKhompela owayelaxazwe yiMoroka Swallows. 

UKhompela wafika wenza umehluko omkhulu njengoba leli qembu laqeda endaweni yesishiyagalolunye kwilogi. 

I-Arrows izovula imidlalo yeBetway Premiership ngoSepthemba 14 la izobhekana khona neStellenbosh FC eDanie Craven Stadium. 

Khonamanjalo, iGolden Arrows ayimenywanga emidlalweni yePrince Mangosuthu Legacy Cup ezodlalwa ngoSepthemba 7 ePrince Mangosuthu Regional Stadium Olundi.