
UGaston Sirino unecebo lokusiza iKaizer Chiefs ivike ihlazo
Umdlali we-Kaizer Chiefs, u-Gaston Sirino, usezibophezele ekwenzeni konke okusemandleni akhe ukusiza leli qembu liqede isomiso sezindebe.
Ukwenza kanjani lokhu? Uzokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi iChiefs iyanqoba uma seyibhekene ne-Orlando Pirates.
Lamaqemnu azogadulisana kowamanqamu eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibelo ntambama.
U-Gaston Sirino ujoyine i-Kaizer Chiefs kule sizini ngemuva kokukhululwa yiMamelodi Sundowns, anqobe nayo inqwaba yezindebe okuhlanganisa nezimbili zeNedbank Cup.
KwiChiefs, lo mdlali oneminyaka engu-34 ubudala odabuka e-Uruguay udlalela ikilabhu esesimweni esihluke kakhulu.
Uma iChiefs ihlulwa yiPirates ngoMgqibelo izobe seyiqede iminyaka eyishumi ingenayo neyodwa indebe yePremier Soccer League.
“Ngifuna ukuqopha umlando lapha,” kusho u-Gaston Sirino ngoMsombuluko ekomkhulu le-Kaizer Chiefs.
“NgoMgqibelo yithuba elihle labadlali abaningi lapha ukuthi banqobe iNedbank Cup okokuqala.
“Mina sengike ngayinqoba kodwa ngoMgqibelo kuzoba yindebe ekhethekile kuwo wonke umuntu.”
IPirates yiyona ebhekiwe ukunqoba kwiChiefs okwesibili ezinsukwini eziyisishiyagalombili njengoba isivele iyishaye ngo 2-1 emdlalweni weBetway Premiership ngoMgqibelo odlule.
USirino, nokho, unomuzwa wokuthi iChiefs empeleni idlale kangcono kunePirates kulowo mdlalo.
“Yebo sidlale kangcono kunabo kodwa sahlulwa. Ngakho-ke sidinga ukuphusha kakhulu futhi sigxile kakhulu,” kwengeza yena.
“Besidinga ukulawula umdlalo kakhulu, ikakhulukazi ngemuva kokushaya igoli (uGlody Lilepo ubeke iChiefs phambili umdlalo usanda kuqala).
“Ebholeni kwesinye isikhathi udlala kahle bese uhlulwa. Owamanqamu wumdlalo ohlukile, futhi ngicabanga ukuthi sizowulungiselela kahle kuleli sonto ukuze siwunqobe.”
Umgqigqo ka-Gaston Sirino kwi-Kaizer Chiefs kule awukhuthazi – unamagoli amathathu kuphela emidlalweni engu-23 kuyo yonke imiqhudelwano.
“Ngifuna okwengeziwe,” kusho uSirino. “Kwesinye isikhathi sidlala ibhola elihle kodwa angikwazi ukhakhela ozakwethu amagoli noma ngiwashaye ngokwami.
“Ngidinga ukugxila kimina namaphutha ami ukuze ngakhele ozakwethu noma ngiwashaye ngokwami amagoli amaningi.”
