
OweCzechia udalula abakulindele kwiBafana
Umdlali wasemuva weCzech Republic, uJaroslav Zelený, useveze ukuthi balindele umdlalo onzima uma sebebhekene ne-Bafana Bafana emdlalweni obalulekile weNdebe yoMhlaba ngoLwesine.
La maqembu womabili azongena kulo mdlalo esesimweni esifanayo ngemuva kokwehlulwa emidlalweni yawo yokuvula.
IBafana Bafana yahlulwa ngo 2-0 yiMexico, kanti iCzechia yona yashaywa ngo 2-1 yiSouth Korea.
UZelený uthi akalindele ukuthi iBafana izodlala ngendlela efana neyeSouth Korea, njengoba ebona iqembu likaHugo Broos linamandla emizimbeni kunokuthembela ejubaneni.
“ISouth Korea ibinabadlali abashesha kakhulu, kodwa iNingizimu Afrika inabadlali abanamandla.
“Ngicabanga ukuthi kuzoba umdlalo oshubile futhi ozoba nokududulana okuningi,” kusho uZelený.
Lo mdlali oneminyaka engu-33 ubudala uveze ukuthi ubukele umdlalo weBafana neMexico, wathi womabili amaqembu abonakale eqapha ekuqaleni kunokuhlaselana ngamandla.
Uphinde waveza ukuthi iBafana isesimweni esinzima njengoba ingakawashayi amagoli kulo mqhudelwano.
“Basendaweni yokugcina njengathi. Bayazi ukuthi uma bengawutholi umphumela omuhle izinto zizoba nzima kakhulu kubo.
“Nathi sisibona ngendlela efanayo isimo sethu,” kusho lolu nkonko.
UZelený ugcine ngokuthi iCzechia kumele ilungiselele kangcono kuneBafana uma ifuna ukuphuma enkundleni namaphuzu amathathu.
“Lona ngumdlalo wokufa nokuphila. Kumele sizilungiselele kangcono kunabo bese siwunqoba umdlalo,” kuphetha yena.
