
Usephenduke inyama uKutumela ogile izimanga kwiChan
Ukusebenza ngokuzimisela eqenjini ebelimele iNingizimu Afrika kwiChamphionship of African Nations (Chan) kukaThabiso Kutumela sekumtholele izesheli ezintsha.
UKutumela ubesemuzweni omuhle kulo mqhudelwano futhi ewaqhulula amagoli, ekhumbuza abalandeli nezikhulu zamaqembu ngekhono lakhe.
Lo mdlali ungomunye wabaningi abebekuleli qembu nje ngoba abanawo amaqembu abadlala kuwo kuleli kulandela ukuchithwa kwabebekuwo ngesizini edlule.
UKutumela ubekade ekwiRichards Bay kodwa izinto azimhambelanga kahle njengoba ebeqiwa yijezi isizini yonke.
Manje iLisenethini seyithole ukuthi sekunamaqembu amaningana amfunayo, phambili kuwo okukhona iChippa United.
Leli qembu laseGqeberha kuthiwa belivele limthakasela lo mgadli odabuka eLimpopo, kanti ukwenza kahle kwakhe kwiChan sekulunyusile lolo thando.
FUNDA NALA | OweChiefs uphawula ngoChisslett, Shinga noSilva
Nokho kuvela ukuthi akhona namanye amaqembu aseqalile ukubuza ngaye nokuthi engatholakala kanjani.
“Sengike ngezwa ukuthi igama lakhe like lavela nakubaphathi beSiwelele kanti nakwi-Orbit ngathi kukhona okuhlongozwayo ngaye,” kusho umthombo.
Iqembu ebelimele iNingizimu Afrika kwiChan liwashiswe ijezi ngoMsombuluko kanti kulindeleke libuye kuleli noma kunini.
