EzintshaKaizer Chiefs

OweChiefs uzifake zaphelela ku-Ernst Middendorp 

Ukuthi ubeqondile noma kuziqondanele nje akucaci, kodwa uCedric Kaze ulishaye lopha ku-Ernst Middendorp. 

Lo mqeqeshi weKaizer Chiefs ubenza izethulo ngeqembu lakhe, egcizelela ukuthi lenza kahle kunendlela ebeliyilo eminyakeni embalwa edlule.

Ube esebalula ukuthi uma ubheka indlela elidlala ngayo iqembu njengamanje ingcono kakhulu kunangesikhathi sika-Ernst Middendorp. 

“Namuhla sisendaweni yesithupha futhi iqembu elisendaweni yesithathu (iSekhukhune United) lisishiya ngamaphuzu amathathu kuphela.

“Thina sisenemidlalo emibili esisilele ngayo emuva,” kusho uKaze kuleli sonto.

“Angisho ukuthi sizoyiwina leyo midlalo kodwa sizozama konke okusemandleni ethu… 

“Ngokwami njengomqeqeshi, uma siqeda endaweni yesithathu ngiyoshiya ngokuziqhenya ngoba sobe senze okungakaze kwenzeke eminyakeni eyishumi edlule.”

Eminyakeni eyishumi edlule, Amakhosi aqede kanye endaweni yesibili ngesikhathi ecijwa u-Ernst Middendorp odume ngelikaMazinyo. 

“Kodwa kukhona umqeqeshi owaqeda endaweni yesibili, ngicabanga ukuthi eminyakeni emine noma emihlanu edlule.

“Kodwa waqeda kuleyo ndawo nje kwakunamagoli angu-22 ayeshaywe ngamabhola ayebekwe phansi (set-pieces),” kuqhuba uKaze. 

“Wayedlala amabhola amade… Thina uma singaqeda endaweni yesithathu, sizoshiya bese sizincoma ngokuthi senze umsebenzi omuhle.” 

Ubentinyela kanjena nje uKaze u-Ernst Middendorp usanda kubhala kabanzi ngokudingeka kumqeqeshi weKaizer Chiefs.

Naye ubagudlile laba baqeqeshi abakhona njengamanje, ethi kudinga ube ngumuntu okwaziyo ukushaya umthetho futhi ume kuwo.

Okunye wukuthi uMazinyo usanda kubonakala emdlalweni weChiefs, nokwasusa izinsolo zokuthi angase abuye kuleli qembu.

Futhi manje njengoba eshiye isigubhukane kwiDurban City abengumqondisi wezokuqeqesha kuyo, kunamahlebezi okuthi uzobuyela eNaturena eyokwenza umsebenzi ofanayo.