EzintshaKaizer Chiefs

USiphesihle Ndlovu ‘yimbongolo’ enezifiso ezinhle ngeChiefs

Kodwa lokhu akusho ukuthi ngeke abe nomthelela obonakalayo. Empeleni, cishe kuye iChiefs isimtholile umdlali ozovala isikhala sikaWillard Katsande.

NjengoKatsande – oyinkakha yaleli qembu laseNaturena – uSiphelele Ndlovu udle ngokuzimisela kanti uzivumele yena ukuthi ufana nembongolo.

Uthi umsebenzi wakhe wukufukuza, enze lokho okudingwa yiqembu ukuze linqobe ngaleso sikhathi ngale kokubheka ukuvelela noma ukunakwa. 

Futhi wethemba ukuthi lo muzwa wokusebenza ngokuzikhandla uzotshaleka nakozakwabo njengoba bebheke ukujika iChiefs ibuyele ekubeni yiqembu elisatshwayo kwiPSL. 

Lo mdlali oneminyaka engu-28 ubudala ujoyine Amakhosi ekuqaleni kwesizini esuka kwiSuperSport United. 

Usevele udlale imidlalo emihlanu kwiChiefs, washaya igoli elilodwa. Phambilini useke wanqoba izindebe ezintathu – azinqoba esadlala kwi-Orlando Pirates. 

Ekhuluma nabezindaba kuleli sonto, ubuzwe ukuthi ngabe yisiphi yena isinongo afike naso eNaturena, esizokwenza umehluko.
“Kusobala, mina nginomqondo wembongolo,” kusho lo mdlali odabuka eMgungundlovu, Angizikhathazi ngezinto eziningi – ngize lapha ukuzosebenza, ukuzosebenzela ikilabhu ngokwenza lokho okudingekayo. Yilokho nje. 

USiphesihle Ndlovu wengeze ngokuthi ufuna ukuba yisibonelo esihle kubadlali abancane kunaye eqenjini, ufisa nabo bafunde ukuzikhandla kuye.
“Ngithemba ukuthi ozakwethu, ikakhulukazi abasebancane, bazokufunda lokho – babe nomqondo ofanayo – bese bekusebenzisa esikhathini esizayo.” 

Ukuzinikela nokuzikhandla yinto Amakhosi azoyidinga njengoba ebukeka ebhekene nesikhathi esinzima sokuphikwa yimiphumela ngendlela eqeda ukuzethemba. 

Emidlalweni emihlanu edlule – kuyo yonke imiqhudelwano – Amakhosi asehlulwe kwemibili, anqoba owodwa, adlala ngokulingana kwemibili. 

Azobe ebheke ukujika izinto uma esebhekene neStellenbosch FC kwiCarling Knockout eKapa ngeSonto ntambama.