
UBroos uhlonza inkinga kaRele Mofokeng, icebo lokumsiza
UHugo Broos usezinophezele ekutheni uzomeseka umdlali we-Orlando Pirates neBafana Bafana uRelebohile Mofokeng obukeka ehlelwe yifimu.
URele Mofokeng ungomunye wabadlali abasebancane okubhekwe lukhulu kubo ebholeni lakuleli esikhathini esizayo.
Ukulahlekelwa kwakhe wumgqigqo yinto uBroos athi ijwayelekile uma kubhekwa isimo akuso njengamanje lo mdlali.
“Okwenzeke kuRele yinto ebilindelekile,” kusho uHugo Broos ngesikhathi ethula iqembu lakhe lakamuva ngoLwesine.
“Bekunentshisekelo enkulu evela kuwo wonke umhlaba ngaye. Yonke into beyingoRele… Abantu bebekhuuma ngaye yonke indawo.”
URele Mofokeng bekubhekwe ukuthi ashintshe iqembu aye phesheya ekupheleni kwesizini edlule.
Nokho lokho kugcine kungenzekanga yize ebeke wamataniswa namaqembu amaningi ehlukene.
UBroos usola ukuthi lokho kumthikamezile emoyeni nasemqondweni, wabe esezibophezela ukuthi uzomsiza ukukudlulisa.
“Yilokho okwenzekile ngoRele futhi akukuhle neze. Besivele sizofika isikhathi la ezogcina esecabanga khona ngakho, engabe esagxila ebholeni.
“Yilokho okwenzekile ngaye kodwa izinga lakhe lisephezulu ngakho ngeke ngimlaxaze njengamanje.
WINA | Ithuba lokuwina neVicks neLisenethini
“Sizosebenza naye, ngizozama ukukhuluma naye ukumbuyisela ukuzethemba kwakhe nokumnxenxa ukuthi agxile ebholeni, ashiye konke okunye…
“Kumele akhohlwe okunye. Akakhohlwe yilokho, okunye kuzokwenzeka uma isikhathi sesifanele,” kuchaza uBroos.
FUNDA NALA | Ubuso obusha uBroos eqoka eleBafana
URele Mofokeng ukhona eqenjini likaBroos elizodlala imidlalo emibili yokugcina kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba kule nyanga.
