
OweChiefs nokwenze uDa Silva noChislett bengadlali
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uFernando Da Cruz, useveze isizathu sangempela sokuthi kungani uFlavio Da Silva no-Ethan Chislett bebengekho ngempelasonto.
Laba badlali bebengabonwa nangokhalo ngesikhathi Amakhosi ekhishwa ngokushaqisayo kwiMTN8 yiGolden Arrows.
IChiefs iguqiswe ngo 1-0 Abafana Bes’thende eFNB Stadium, kanti kube yigoli likaKhulekani Shezi elishiye izinkumbi zabalandeli bephoxekile iChiefs ibhuliswa amazolo.
Ukungabibikho kukaFlavio Da Silva, oshaye igoli ngesikhathi iChiefs inqoba iKruger United ngo 3-1 emdlalweni weBetway Premiership ngesonto eledlule, no-Ethan Chislett, kushiye imibuzo eminingi.
Ekhuluma ngemuva komdlalo, uDa Cruz uthe laba badlali abazange bashiywe ngaphandle ngenxa yezinqumo zamacebo okudlala.
Kodwa iqembu belingafuni ukubafaka engozini njengoba lizobhekana nemidlalo emithathu ezinsukwini eziyisithupha.
“Okokuqala, uSilva ulimale ngesikhathi siziqeqesha izolo (ngoMgqibelo), ngakho silahlekelwe nguye,” kusho uDa Cruz.
“Sinemidlalo emithathu ezinsukwini eziyisithupha, ngakho sinqume ukuqaphela ngaye.”
Uqhube wathi nesimo sikaChislett siyefana, njengoba iqembu lingafuni ukubeka abadlali engozini yokulimala kakhulu.
Manje iChiefs izozama ukubuyela endleleni yokunqoba emidlalweni ezayo, kanti uDa Cruz unethemba lokuthi bobabili uFlavio Da Silva no-Ethan Chislett bazobe sebengakwazi ukudlala maduze.
- FUNDA NALA | UCardoso ucacisa ngesimo sikaSaleng
IChiefs izogadulisana neSekhukhune United khona eFNB Stadium ngoLwesithathu ebusuku.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
