
USithebe udalula okwamqokisa iBay, ashwebise abanye
- Intatheli yeLISENETHINI
Ngesikhathi ededelwa yiKaizer Chiefs, uSiyethemba Sithebe uzithole esenamaqembu amaningi amfunayo, kwadingeka enze isinqumo.
Sekuyinto esamabhukwini omlando ukuthi waqoka iRichards Bay asephendule umdlali omqoka kuyo.
Kodwa njengoba kwakukhona amanye amaqembu – omacaphuna kusale iSekhukhune United neMagesi FC – yini eyamheha kwiRich Boyz?
“Ngesikhathi ngisayina kwiRichards Bay kwakukhona amanye amaqembu ayengifuna,” kusho uSithebe kwabeFARPost.
“Kodwa ngasayina kuyo ngoba ngabona ukuthi inabafana abancane futhi ngabona isidingo sokuzobasiza bazuze okuthile.
“Ngesizini edlule, iqembu belisempini yokuvika izembe, ngakho sidinga ukuqoqa amaphuzu amaningi zisuka nje ukuthi isgweme isimo esifanayo kulokhu.
“Ngakolwami uhlangothi, ngaphambi kokujoyina iRichards Bay, ngingakusho ukuthi kwakunezingxoxo ezikhona namanye amaqembu.
“Sakhuluma neSekhukhune neMagesi le esanda kunyuselwa esigabeni esiphezulu. Imenenja yami eyayixoxa nabo, mina ngizw engayo.”
Okunye okwenza kube lula kuye ukuqoka iRichards Bay wukuthi iseduze nasekhaya.
“Ngeza kwiRichards Bay ngoba eyangasekhaya futhi ngabona kuzoba lula ukuthi ngijwayele.”
USithebe akabanga nesikhatho esihle kwiChiefs la ehlale khona iminyaka emithathu ngemuva kokuyijoyina esuka kuMaZulu FC.
