EzintshaOrlando Pirates

OwePirates usola ‘ikhasi likabhanana’ kwiKruger

Iphini lomqeqeshi kwi-Orlando Pirates seliveze okungase kube ‘yikhasi likabhanana’ ua sebebhekene neKruger United ngoLwesibili kusihlwa.

La maqembu azodlala eMbombela Stadium. Umdlalo uzoqala ngo-7.30 ebusuku.

Kuzoba ngokokuqala ngqa ukuthi ahlangane emdlalweni osemthethweni.

Iphini lomqeqeshi kwiPirates, uRayaan Jacobs, uthi lokhu kwenza lo mdlalo ube nzima.

Nokho, uthi iPirates ifuna ukwakhela empumelelweni yayo yangoMgqibelo.

“Umdlalo olandelayo sibhekene neKruger United, abafana abasha kule ligi,” kusho uJacobs.

“Kithina, kumele sakhele ekusebenzeni kwethu kwangoMgqibelo.

“Kube umphumela omuhle nokusebenza kahle. Siyazi ukuthi umdlalo wangoLwesibili uzoba nzima.

“Inhloso yethu enkulu bekuwukuphumula nokululama kahle ngaphambi kwalo mdlalo.

“Siyaqonda ukuthi iKruger kungenzeka ibe nesonto lonke lokuzilungiselela.

“Kepha inhloso yethu ukuwulungela kahle umdlalo futhi siqinisekise ukuthi sithola amaphuzu amathathu uma sidlala kude nasekhaya.”

I-Orlando Pirates kuzomele iqaphele njengoba amaqembu amasha kwiligi evamise ukufuna ukuzenza ikhasi likabhanana, ayiqumbe phansi. 

IKruger yona ingase izozama ukusebenzisa isikhathi esengeziwe ebenaso ukuzilungiselela.

Njengoba la maqembu ezobe eqala ukuhlangana emdlalweni osemthethweni, iPirates izodinga ukuqaphela futhi ingayithathi kancane iKruger United.