EzintshaOrlando Pirates

I-Orbit iqinisekisa ezogadulisana kuyo ne-Orlando Pirates

I-Orbit College FC isiqinisekise ngokusemthethweni imininingwane yomdlalo wayo ozayo weBetway Premiership ne-Orlando Pirates.

Lo mdlalo olindelwe ngabomvu uzoba ngoMgqibelo kaMeyi 23 kanti usuzoba seMbombela Stadium. 

Amathikithi alo mdlalo kulindeleke ukuthi adayiswe aphele ngokushesha. 

Ekuqaleni lo mdlalo bewuhlelelwe ukuba se-Olympia Park Stadium eRustenberg. 

Kodwa le nkundla kuvele ukuthi ayitholakali ngalou suku, kwaphoqa ukuthi iMswenko Boys ifune enye.

Ibonge bonke abathintekayo ngokubambisana kwabo ekutholeni inkundla efanele ukubamba lo mdlalo.

“Lo mdlalo umele esinye isigaba esibalulekile ohambweni oluyingqophamlando lwe-Orbit College FC kwiBetway Premiership,” kusho ikilabhu esitatimendeni.

Iqembu liphinde laqinisekisa ukuzibophezela kwalo ekwethuleni umcimbi ohlelwe kahle okhombisa izinga leligi nomoya webhola laseNingizimu Afrika.

Uma i-Orlando Pirates iwuwina umdlalo wayo neDurban City e-Orlando Amstel Arena ngoMgqibelo, i-Orbit kuzomele iyihloniphe njengompetha.

AmaBhakabhaka ashoda ngamaphuzu amathathu nje kuphela ukuthi anqobe isicoco ebesisezandleni zeMamelodi Sundowns  kule minyaka eyisishiyagalombili edlule.