
Ufunwa ngapha nangapha u-Elias Mokwana wodumo kwiBafana
U-Elias Mokwana usehehe isasasa lamaqembu ehlukene ngaphambi kwewindi elilandelayo lokudayiselana ngabadlali.
Lokhu kuza njengoba ikusasa lakhe eSaudi Arabia lingakaqinisekiswa.
Lo mdlali wasesiswini weBafana Bafana okwamanje ubolekiswe kwi-Al-Hazem.
Isivumelwano salokhu kubolekisana sizophela ekupheleni kwenyanga ezayo.
U-Elias Mokwana ujoyine leli qembu laseSaudi esuka kwi-Esperance Sportive de Tunis ngemuva kwesizini encomekayo eNyakatho Afrika.
Ushaye amagoli ayisikhombisa, waphinde waba nesandla ekwakheni amane emidlalweni engu-38 ngesizini yakhe yokuqala.
Lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala uqhubekile nokuhlaba umxhwele eSaudi Arabia.
Usephenduke umdlali oyisethenjwa kwi-Al-Hazem futhi udlale imidlalo engu-25 kule sizini.
Ngokubika kwe-iDiski Times, amakilabhu eQatar Stars League ne-Egypt Premier League asevele azidlisa satshanyana ngalo mdlali.
Kubikwa ukuthi sekunentshisekelo yakamuva evela emaqenjini ase-United Arab Emirates kanti akhona nakwiSaudi Roshn League.
I-Al-Hazem yiyo enokhiye ngekusasa lakhe okwamanje njengoba inombandela wokumsayina ngokugcwele.
Kodwa ke ibingakasikhiphi isinqumo ngezokwenza. I-Esperance nayo kulindeleke ukuthi ibe nombono ngokuthi u-Elias Mokwana udlala kuphi ngesizini ka-2026/27.
Ngaphambi kokuthi aye kwi-Al-Hazem, uMokwana uke wamataniswa neKaizer Chiefs kuleli.
