
Kuvela okuhoxise iMagesi ekubolekeni oweChiefs
Ukubolekiswa kukaBongani Sam kwiMagesi FC kubhuntshe ngomzuzu wokugcina, kanti isizathu salokho sesivelile.
IKaizer Chiefs ibifuna ukubolekisa ngoSam kwiMagesi ukuze athole ukudlala njalo ze ezobuyela esimweni esifanele.
I-SABC Sport ibika ukuthi uSam ubeseze wahlolwa nangodokotela futhi sekusele ukuthi aye eLimpopo ayojoyina iMagesi.
Kodwa emahoreni ambalwa ngaphambi kokuvalwa kwewindi lokushintshana ngabadlali, ompetha beCarling Knockout Cup bavele bahoxa.
Kubikwa ukuthi iMagesi ibinethemba lokuthi izothola imali yokukhokha ingxenye yomholo kaSam ngokudedela abanye babadlali bayo.
Kodwa ayikwazanga ukukwenza lokho futhi yaphoqeleka ukuthi imise isivumelwano soikubolekwa uSam.
Kuthiwa ibone izosindeka ukumelana nezindleko eziphezulu zamaholo.
USam ujoyine iChiefs esuka kwi-Orlando Pirates ngoJuni kungalindelekile.
Lo mdlali wasemuva owake wadlala kwiBloemfontein Celtic uhlulekile ukungena eqenjini eliqala imidlalo kwiPirates.
Isikhathi sakhe esiningi ngesikhathi esemabhukwini ePirates usichithe ebolekiswe eaqenjini ehlukene.
Njengoba iChiefs idedele uSifiso Hlanti ekupheleni kwesizini edlule, yayibheke ukuthi uSam avale isikhala sakhe.
Kodwa uvele waba neshwa lokulimala ngesikhathi bekanise eTurkey belungiselela isizini, kanti iChiefs yabe seyilanda uBradley Cross.
Lo mdlali osuka kwiGolden Arrows, uCross nguye oseyisethenjwa emuva kwesokunxele ngaphansi komqeqeshi uNasreddine Nabi.
