EzintshaKaizer Chiefs

OweChippa necebo lokufaka unyawo lwedada kwiChiefs

Njengoba ibuya kulokhu kunqoba okukhulu, manje seyizobhekana neChippa United emdlalweni weBetway Premiership eNelson Mandela Bay Stadium ngoMgqibelo.

Yiphuzu elilodwa elihlukanise iKaizer Chiefs esendaweni yesishiyagalombili neChippa, esendaweni yesishiyagalolunye.

Kodwa iChilli Boys isenemidlalo emibili engakayidlali okwenza ibenethuba elihle lokweqa Amakhosi.

Umqeqeshi weChilli Boys, uThabo September, useveze uhlelo lwakhe lokukeqa Amakhosi, aqede le njabulo egcwele kuwo njengamanje.

“Njengoba la maqembu womabili esondelene kakhulu kwilogi, lo mdlalo ngiwubuka njengowamaphuzu ayisithupha,” kusho uSeptembwe kwiKickOff

“Sizolwela ukunqoba ngoMgqibelo, futhi ngiyalele abadlali bami ukuthi bagxile kakhulu ekusebenzeni kwethu hhayi kwiKaizer Chiefs. 

“Kumele sigxile ekuqhubekeni nefomu yethu enhle. Asizange singenelwe goli emdlalweni wethu wokugcina.

“Empeleni singenelwe igoli elilodwa kuphela emidlalweni yethu emithathu edlule, ngakho-ke kufanele siwugcine lowo mgqigqo. 

“Kumele sisebenzise amathuba ethu uma eqhamuka. Ngilindele iqembu leKaizer Chiefs elizethembayo neligqugquzelekile…

“Ikakhulukazi ngemuva kokuthi likwazile ukuthola indawo kowamanqamu weNedbank Cup,” kwengeza lo mqeqeshi. 

“Amathuba ethu okuqeda kwiTop 8 kule sizini ayathembisa njengoba sisele ngemidlalo emibili kwiKaizer Chiefs okumanje isendaweni yesishiyagalombili. 

“Abadlali bayayamukela le nselelo, okuyinto enhle kithina.”

IChiefs izobe inethemba lokuthi ukunqoba kwiSundowns kuyisitebhisi sokwakhela futhi iqede isizini ngegiya eliphezulu.

Lokhuya kunqoba kubuyise ukuzethemba eqenjini likaNasreddine Nabi, eselizolwelwa ukugqina lowo muzwa kuze kuphele isizini.

Njengoba Amakhosi esele nemidlalo eyisithupha yeligi, isenalo ithuba lokuqeda endaweni yesithathu, nakuba lokho kuncike kakhulu kwamanye amaqembu.