
Ngeke ‘esadansa’ eNaturena uMdantsane
IKaizer Chiefs isihlukane ngokusemthethweni nomdlali wasesiswini uMduduzi Mdantsane, kusasele unyaka kwinkontileka yakhe yeminyaka emithathu.
Lo mdlali oneminyaka engu-30 ubudala ujoyine Amakhosi esuka kwiCape Town Coty ngoJuni ka-2023 kodwa wehluleka ukwenza obekulindelekile eNaturena.
Isikhathi sikaMduduzi Mdantsane kwiChiefs siphazanyiswe ukulimala engozini yemoto ekuqaleni kwesizini ka-2024/25.
Lokhu kumenze wangadlali isikhathi eside, waze wagcina ebolekiswe kwiRichards Bay ngoJanuwari.
UMduduzi Mdantsane akazange adlale nowodwa umdlalo kwiKaizer Chiefs isizini yonke.
KwiRichards Bay, udlale imizuzu engu-36 kuphela emidlalweni emithathu ayidlalile, kuyo yonke ubengena esuka ebhentshini.
Le midlalo ungene kuyo bebhekene nePolokwane City, iSekhukhune United, neSuperSport United.
Ngesizini yakhe yokuqala kwiKaizer Chiefs, uMdantsane udlale imidlalo engu-16, kodwa wangakwazi ukungena efomini eyamenza isihlabani kwiCity.
Njengoba sekusele unyaka enkontilekeni yakhe, zombili izinhlangothi sezivumelene ngokuthi ivele inqanyulwe, ngokombiko weFARPost.
UMduduzi Mdantsane uzoba ngumdlali wesine ukushiya lezi ziqhwaga zaseSoweto ngaphambi kwesizini ezayo.
Ulandela u-Edmilson Dove, uRanga Chivaviro, noSabelo Radebe. UNjabulo Blom yena ubuyiselwe eqenjini lakhe lase-US.
Khonamanjalo, iChiefs iqinise isikwati sayo ngoPaseka Mako noThabiso Monyane abasuka kwi-Orlando Pirates.
Umgadli u-Etiosa Ighodaro nomdlali wasesiswini u-Asanele Velebhayi nabo kukholakala ukuthi sebesemabhukwini aleli qembu leNaturena.
Ngaphezu kwalokho, abaphathi baleli qembu kukholakala ukuthi basezingxoxweni ezithuthukile nabanye abadlali abangaphandle kwezwe abafuna ukubaletha kuleli.
Kulindeleke ukuthi iChiefs imemezele zonke izinguquko ngokusemthethweni ngesonto elizayo.
Izobe seyilungiselela ukufulathela elakuleli ilibangise eNetherlands la iyokhempela khona ukulungiselela isizini entsha.
