
Owayevimba kwiDowns uphika eyokugxibha uRonwen Williams
Owayengunozinti weMamelodi Sundowns manje osengumqeqeshi wonozinti ohlonishwayo uThembalethu Moses useziqhelelanisile nokubhalwe ngaye kuFacebook.
Endabeni ebhalwe kwelinye lamakhasi eFacebook esabalale ngokushesha uMoses ucashunwe ekhuluma amazwi alumelayo.
Kuthiwe ubekhuluma ngonozinti weSundowns neBafana Bafana u-Ronwen Williams, ekhala ngokuthi yisaka nje lamazambane.
Lo mbhalo osususiwe, usabalale ngokushesha ezinkundleni zokuxhumana, kanti uMoses uthi bayamsukela, akekho oke wakhuluma naye ngo-Ronwen Williams.
Ucashunwe ethi: “UWilliams ugqama kuphela uma edlala nezitobha ezizomvikela. Mina akayena unozinti engimthathela phezulu.”
Kuphinde kwavela nokuthi uze waqhathanisa uWilliams nowayengukaputeni weKaizer Chiefs neBafana phambilini u-Itumeleng Khune.
Kodwa uMoses osesebenze njengomqeqeshi wonozinti emaqenjini afana neSekhukhune United, uthi lezi zinsolo ziyinganekwane nje.
“Angiyazi le nto ebikwa kulelo khasi futhi kuthiwa ishiwo yimina,” uMoses usho kanje kwiSoccer Laduma.
“Ngiyaziqhelelanisa ngokuphelele nakho. Angikaze ngisho noma iyiphi yalezo zinto mina.
“Kungaba kuhle uma umuntu obhale lokhu aphumele obala aveze ubufakazi bokuthi ukhulumile nami.”
UMoses uzakwale ecikekile yilamanga abhalwe ngaye athi amveza njengomuntu oyihlongandlebe nongawuhloniphi umsebenzi wabanye abantu.
Uze wasola ukuthi cishe bakhuluma nomunye uThembalethu Moses, hhayi yena ngoba yena akakaze akhulume namuntu ngento efana nalena.
“Mhlawumbe lona omunye ngomunye uThembalethu Moses?,” kusho yena.
“Kodwa lapha bathe bakhulume nowayengunozinti wangaphambili weSundowns futhi manje osengumqeqeshi wonozinti — yimina phela lowo, ngokwazi kwami.”
Lesi sigameko sigqamisa ingozi ekhulayo yamakhasi abhala asezinkundleni zokuxhumana abhala noma yini ngebhola laseNingizimu Afrika.
UMoses ungowakamuva nje ohlwini olukhulayo lwabadlali bakudala nabaqeqeshi okuvele kuthiwe bathe, bebe bengakaze bakusho lokho.
