
Owayedlala kwiRoyal AM udalula izimanga zika-Andile Mpisane
Owayengumdlali weRoyal AM, uMoffat Mdluli, usedalule izinsolo ezishaqisayo ngendlela iqembu elaliphethwe ngayo ngaphansi kuka-Andile Mpisane.
UMdluli uthi uMpisane wayevame ukufika ejimini ehamba nabangani bakhe, afune nabo baziqeqeshe neqembu.
Uthe lokhu kwakubadumaza abadlali ababezimisele futhi besebenze kanzima ukuze bafinyelele ezingeni eliphezulu.
“Unezinqumo zakhe empilweni, kodwa akakaze abe ngumdlali webhola elikhokhelayo,” kusho uMdluli kwi-Idiski Dine.
“Njengomdlali ufika ejimini ubhekane nezinto ezinjena. Ziningi izinto ezazingahambi kahle.”
Uthi usihlalo wayefika nabangani bakhe bese ememezela ukuthi nabo bazoziqeqesha ngalolo suku.
“Wayethi, ‘Umngani wami uzojima naye namuhla,’ bese kwenzeka ngampela,” kuqhuba yena.
“Ingabe wayeqhudelana ngokulingana nabanye? Kwakulungile yini ukuthi abe lapho?
“Wayenalo yini ithuba elifanayo nelabanye abadlali?” kubuza yena.
“Asikhulumi kabi ngaye. Sikhuluma amaqiniso. Thina sadela okuningi ukuze sibe ngabadlali bebhola.”
Omunye owadlala kwi-Royal AM, uHappy Jele, naye uqinisekise ukuthi wake wazibona izimanga zika-Andile Mpisane.
UJele uthe uMpisane kwesinye isikhathi wayeza ejimini, kwesinye angafiki.
“Wake waba ngumculi, manje wayesefuna ukudlala ibhola,” kusho uJele.
“Yena wayekwenza into yokuzijabulisa nje ukudlala ibhola. Thina umsebenzi wethu siwuthatha ngokuzimisela.”
- FUNDA NALA | Kuvela okudikibalisa AmaZulu ngoMaduna
Lezi zinsolo ziphinde zavusa imibuzo ngendlela u-Andile Mpisane wayeyiphethe kanjani i-Royal AM ngaphambi kokuwa kwayo.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
