
Kuvela okuqede AmaZulu amandla ngoMaduna
Kubukeka AmaZulu FC esehudula izinyawo ngokubuyisa u-Siphesihle Maduna njengoba sekuvela ukuthi izingxoxo neTS Galaxy azisahambi ngendlela ebilindelekile.
Bekubukeka sengathi lo mdlali wasesiswini oneminyaka engu-26 uzobuyela eqenjini aqala kulo ukudlala ibhola elikhokhelayo.
Lokhu kulandela ukungafakwa kwakhe eqenjini elisha leGalaxy elethulwe ePitoli ngoMgqibelo.
Okuphinde kwaqinisa la mahlebezi ukuthi umdlali omusha, uSiphesihle Tati, unikezwe ijezi elingoNombolo 10 ebeligqokwa uMaduna.
Yize iGalaxy izimisele ukumdedela, kubikwa ukuthi izingxoxo phakathi kwamaqembu zibambekile ngenxa yemali.
Ngenxa yalokho, AmaZulu asekhombisa ukungabi nkamunkamu ngokubuyisa u-Siphesihle Maduna eThekwini.
Usihlalo weTS Galaxy, uTim Sukazi, ukuqinisekisile ukuthi uMaduna usezingxoxweni zokushintshela kwelinye iqembu.
“Silindele ukuthi ahambe. Kukhona amaqembu asikhulumisile, ngakho izingxoxo ziyaqhubeka,” kusho uSukazi.
“Kodwa ebholeni akukho okuqinisekile kuze kusayinwe amaphepha.
“Okwamanje izinto zibukeka zihamba kahle futhi kubonakala sengathi uzolithola iqembu elisha.”
- FUNDA NALA | IPirates yenze kahle koweLas Palmas
U-Siphesihle Maduna uvuselele umsebenzi wakhe ngesikhathi edlalela iGalaxy ngemuva kwezikhathi ezinzima kuwo AmaZulu neCape Town Spurs.
Ngesizini edlule udlale imidlalo engu-32, washaya igoli elilodwa futhi wakha amabili, okumenze waphinde waheha amaqembu amaningi.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
