
Seziyavela izithelo zeNtokozo Myeni Tournament
Owayengumsakazi wezemidlalo kwi-Imvula FM u-Ntokozo Myeni akazange alilahle iphupho lakhe noma sekubhedile kuye kuvalwa lo msakazo.
Okunalokho uphishelekile nesifiso sakhe sokuvulela izingane ezincane amathuba ebholeni elikhokhelayo.
Umqhudelwano awuqala kancane, sewuphenduke isigcawu la amaqembu ePSL esevele ashone khona ukuyohlonza abadlali abancane.
Lo mqhudelwano wakhe, iNtokozo Myeni Under Tournament usukhiqize abadlali asebethole ithuba emaqenjini ePSL.
“Usukhona impela umehluko omuhle ngalo mqhudelwano, angifuni ukuqamba amanga” kusho uMyeni.
“Futhi amathuba ayavuleka kubafana abancane – okuyiyonanto eyinhlosongqangi yalo mqhudelwano.
“Kumanje nje kunomfana nje uKhulasande Xulu ohambe kulo nyaka okwi-Under 19 yeTS Galaxy. Owakhona la eNgwelezane.
“Uqokwe waba nguMdlali oVelele komunye wemidlalo kulamasonto adlule.”
Uqhube wathi nomqhudelwano wakulo nyaka uphinde wakhipha abanye abadlali abathembisayo.
Nabo, ngokusho kuka-Ntokozo Myeni, bazohanjiswa emaqenjini ePSL ukuyohlolwa ikhono.
“Kunabanye nje abangu-15 engizobasa kwiMamelodi Sundowns maduze nje. Kuyaqala manje kuyakhanya.
“Sengiyabona manje ukuthi lento yami iyaphi futhi nabaxhasi sebeyavela okuzokwenza umsebenzi ube lula.
“Nokho asikafiki lapho sifuna khona ngokoxhaso. Kodwa ngiyawubona umehluko, nengcindezi ehambisana nokuhlela lo mqhudelwano isiyehla.”
Njengoba bebaningi abafisa ukwenza imiqhudelwano efanayo, u-Ntokozo Myeni uthi iseluleko sakhe silula: ukuzinikela.
“Ukusebenza ngokuzikhandla nje nokuzinikela bese ufaka ikhanda phansi yikho okusizayo uma wenza umsebenzi onjena.
“Akumele ubeke inzuzo yemali phambili ngoba uma kunjalo, uzovele usheshe ushiye phansi ubaleke,” kusho yena ehleka.
