EzintshaKaizer Chiefs

Okwenza uTsepo Masilela angayizwa ekaMngqithi kwiKaizer Chiefs

Owayengumdlali wasemuva kwiKaizer Chiefs, uTsepo Masilela useveze okumkhathazayo ngoManqoba Mngqithi okhonjwa kwiKaizer Chiefs.

Yize elivuma izinga lalo mqeqeshi weGolden Arrows, nokho uxwayisa ngokuthi lo msebenzi waseNaturana ungamxaka.

UMngqithi ukhonjwa kwiKaizer Chiefs, kanti uTsepo Masilela ukholwa ukuthi ukusebenza kwakhe kwiMamelodi Sundowns kumenza umqeqeshi oqinile.

Kodwa unokungabaza ngekhono lakhe lokusebenza nabadlali abanegama nedumela kubalandeli akubona kungaba yinselelo kuye. 

“Emaqenjini amakhulu, kunabadlali abanolwazi ngebhola futhi okuvamise ukuthi babe nemibono ngendlela yokudlala,” kusho uMasilela.

“Abanye baba nemibono ngezinye izikhathi futhi bayazingabaza ezinye izinto ezenziwayo.

“Kulapho-ke abanye abaqeqeshi abakuthandi lokho okwenza ubudlelwano bube muncu.” 

UMasilela uphinde waveza isikhathi esifushane sikaMngqithi njengomqeqeshi kwiSundowns phakathi kukaJulayi noNovemba 2024.

Uveze ukungabaza ezinye zezinqumo zakhe. Ngesikhathi sakhe, uMngqithi kubikwa ukuthi waxabana nabanye abadlali abanegama.

Wabeka ebhentshini izihlabani ezinkulu uTeboho Mokoena noKhuliso Mudau kanti kwavela ukuthi kwakuxabane imibono.

“Uma ngibheka leso simo esenzeka kwiSundowns ngoMokoena noMudau, angizange ngiqonde ukuthi kungani labo bafana babengadlali. 

“Umqeqeshi wachaza ukuthi wayebaphumuza nje ukuze agcine wonke umdlali esesimweni,” kwengeza lo mdlali wakudala weBafana.

UTsepo Masilela ukholwa ukuthi ukuze uMngqithi aphumelele kwiKaizer Chiefs uzodinga ikhono eliqinile lokuphatha abantu.

“Ukuphathwa kwabadlali emdlalweni wanamuhla kubalulekile kakhulu. Kufanele ukwazi ukuphatha abantu abehlukene.

“Uma ungakwazi ukuphatha abadlali abazazisayo noma abaphakeme, kuba yinkinga,” kuqhuba uMasilela.

Phezu kokukhathazeka kwakhe, uTsepo Masilela ukholwa ukuthi uMngqithi angase alethe indlela ejabulisayo yokudlala kwiKaizer Chiefs.