
IPirates iphawula ‘ngokudayisa’ u-Ouaddou kwiZamalek
Yize ivamise ukuyiziba imibiko namahlebezi ngezindaba zayo, i-Orlando Pirates isiphawulile ngokumtaniswa kuka-Abdeslam Ouaddou neZamalek.
Iyakuchitha ukuthi isezingxoxweni neZamalek ngokuthi iyidedelele lo mqeqeshi njengokusho kombiko ophume ngoLwesine.
Intatheli yebhola lase-Afrika ehlonishwayo uMicky Jnr ibike ukuthi iZamalek isiqale izingxoxo nePirates ngenhloso yokuthola lo mqeqeshi odabuka eMorocco.
Ngokwalo mbiko, iZamalek ibizimisele ukukhokha imali yokuqaqa inkontileka yalo mqeqeshi, kodwa iPirates yasinqaba isicelo sokuqala.
Nokho, iPirates isikhiphe isitatimende iphika ukuthi kunezingxoxo ezikhona ngekusasa lika-Ouaddou.
Esitatimendeni esifushane, iPirates ithe lo mbiko “ungamanga” (Fake News), yagcizelela ukuthi azikho izingxoxo neZamalek.
UMicky Jnr ubebhale wathi: “Kunezingxoxo eziqhubekayo phakathi kweZamalek ne-Orlando Pirates ngo-Abdeslam Ouaddou.
“IZamalek ifuna ukukhokha ukuze imkhulule enkontilekeni yakhe, kodwa iPirates isinqabile leso sicelo okwamanje.”
- FUNDA NALA | UMnqgithi uhlanganisa ithimba aya nalo kwiYanga
Lokhu kubonakala kuqede amahlebezi ngekusasa lika-Abdeslam Ouaddou, oqhubeka nokuhola i-Orlando Pirates ekhempini yayo yokulungiselela isizini eSpain.
Lo mqeqeshi uke waphawula ngokumataniswa namaqembu aseNhla ne-Afrika, wathi ngamanga yena uyazinikele kwiPirates.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
