Ezintsha

Okwenza uMashamaite abone uShabalala ezofana noMofokeng

Ingabe uMduduzi Shabalala engafika ezingeni likaRelebohile Mofokeng ngokuba nomthelela eqenjini? 

Lona wumbuzo abanye abazowuzwa ungafanele ngoba uqhathanisa abadlali abasebancane abadlala emaqenjini ehlukene. 

Abanye sebeke bakuveza ukuthi ukubaqhathanisa akufanele ngoba badlala nabadlali abangafani.

Kuthiwa uRele Mofokeng ukhuphukele eqenjini ebelivele linokuzinza futhi lidlala kahle okumehlisele ingcindezi.

Lokhu kuphinde kwamenza wakwazi ukuthi angene kahle eqenjini njengoba esegcine engumdlali ophelele.

UMduduzi Shabalala yena ukhuphukele eqenjini leKaizer Chiefs ebelidonsa kanzima futhi lingenzi kahle.

Lokhu kwenze angabi nalo ithuba lokukhula kahle, kodwa ufike wathweswa ijoka elingaphezu kwakhe. 

Muva nje lo mdlali uzithole esolwa kakhulu kulandela ukuhlulwa kwakhe amathuba amahle okushaya amagoli. 

Nokho inkakha yeChiefs uTefu Mashamaite seyiveze ukuthi yona imbona esazofika ezingeni eliphezulu.

Empeleni uMashamaite unethemba lokuthi uMdu Shabalala uzofika ezingeni uRele Mofokeng akulo njengamanje.

“Ngiyazi usanda kubhekana nokugxekwa okukhulu muva nje ngokushweba amathuba,” kusho uMashamaite kwiSoccer Beat. 

“Kodwa njengomqeqeshi ngijabule ngokukhula kwakhe ngoba ngimbuka ngokwakhe yedwa. 

“Ngibheka izinto azenzayo emdlalweni, kungaba yindlela angina ngayo ezikhaleni ukuze athole ibhola…

“Kungaba futhi ngendlela avulela ngayo abanye izikhala ngokudonsa izitobha aziqhelise kubo. 

“Unalo ikhono lokugebha ezindaweni ezinhle uma kuhlaselwa. 

“Kodwa udinga ukuphucula indlela akhahlelela ngayo ipali – yilokho kuphela okumele akulungise.

“Ngale kwalokho, ngikholwa wukuthi engafika ezingeni likaRele. ENgafik kalula kulo uma engagxila ekulungiseni eyokukhahlelela ipali.”