Ezintsha

Angase avuke kwizinkunzi zaseCongo olaxazwe yiChippa

Lokhu kulandela ukuthii iziqhwaga zaseCongo, i-TP Mazembe, kuthiwa zimhlezi ezithendeni ngethemba lokumsayina.

Lo mdlali oneminyaka engu-33 ubudala usanda kukhululwa yiChippa United ngemuva kwamasizini amathathu ekuleli qembu laseGqeberha.

Kodwa lokhu kubukeka sekumvulele iwindi lamathuba amasha. 

Futhi akuthathanga isikhathi eside ukuthi kuqhamuke intshisekelo ngaye.

Ngokubikaa kweSoccer Laduma, iTP Mazembe isizivulile izingxoxo nabamele uChabalala — futhi isivumelwano sibukeka singenzeka ngaphambi kwesizini ka-2025/26.

Uma lo mnyakazo wenzeka, uzophawula ithuba elikhulu kulo mdlali wasemuva odabuka eLimpopo.

UChabalala uthwale kanzima ukuthola uzinzo isikhathi eside kusukela eshiye iFree State Stars waya kwiPirates ngo-2017. 

Esikhathini sakhe kwiPirates, ubelokhu ebolekiswa emaqenjini ehlukene okukhona kuwo iBloemfontein Celtic, iSekhukhune United, neChippa.

Kube yiChippa eyagcina imsayina ngokugcwele kumasizini amathathu edlule njengoba manje seyimchithile nje.

Kodwa ke akulahlwa mbeleko ngakufelwa njengoba nakhu manje usengase avuke eqenjini eselinqobe iCaf Champions League amahlandla amahlanu. 

Ukujoyina iTP Mazembe kungambuyisela ebalazweni lebhola lezwekazi, afeze nezifiso zokudlala imiqhudelwano emikhulu.

Ngalokhu, uChabalala uzobe engajoyini nje elinye lamakilabhu anomlando omuhle e-Afrika, kodwa uzothola ithuba lokulwela izindebe ezinkulu.

Futhi kuzoba yithuba lokuqeda umsebenzi wakhe webhola ngezinga eliphezulu kakhulu.

Njengoba lo makadebona wasemuva ehlanganisa iminyaka engu-34 ngoNovemba, leli kungaba yithuba lakhe lokugcina elikhulu.

Ukuthuthela eLubumbashi kungase kumnikeze elinye ithuba lokudlala kwiCaf Champions League, into aphuthelwe yiyo ngesikhathi ekwiPirates.

Okwamanje, izingxoxo zisaqhubeka — kodwa isahluko esilandelayo sikaJustice Chabalala singaba ngesikhulu kunazo zonke emsebenzini wakhe.