EzintshaKaizer Chiefs

Okwenza uKwinika abone iChiefs iza kahle kulokhu 

Umdlali wasemuva we-Kaizer Chiefs, u-Zitha Kwinika, uthi kunentuthuko enkulu futhi isimo seqembu sihle kakhulu njengoba abadlali sebejwayela uhlelo lomqeqeshi omusha uFernando Da Cruz.

Amakhosi ayiqale kahle iBetway Premiership kulokhu, anqoba imidlalo emibili yabe seyidlala ngokulingana kowodwa emidlalweni emithathu.

Lokhu kuwashiye esendaweni yesibili. Ayalingana ngamaphuzu ayisikhombisa ne-Orlando Pirates esendaweni yokuqala.

Kodwa amaBhakabhaka ahlezi eqhulwini kwilogi ngenxa yomehluko wamagoli.

UKwinika uthe naye uzama ukubuyela ezingeni lakhe eliphezulu futhi ujabule ngendlela iqembu eliqale ngayo isizini.

“Ngingathi nje konke kuhamba kahle njengoba sakha iqembu elisha,” kusho yena. 

“Sesiyangena emfuthweni ofanele futhi siya ngokuya sijwayela uma ubheka imidlalo esiyidlalile kuze kube manje.

“Ngingathi ngisenza kahle, kodwa nginethemba lokuthi ngizoqhubeka nokuba ngcono futhi ngithuthuke njengoba isizini iqhubeka.” 

Ekhuluma ngeqembu, u-Zitha Kwinika uthi abadlali be-Kaizer Chiefs sebeqala ukuwajwayela amaqhinga amasha afike noDa Cruz.

Futhi bafuna ukufinyelela ezingeni lapho bezokujabulela khona ukudlala ngale ndlela entsha.

“Imidlalo esiyidlalile ikhombisile ukuthi sesiyiqembu elihlukile ngendlela esidlala ngayo, esihleleke ngayo nangendlela esenza ngayo izinto.

“Ngicabanga ukuthi kuyabonakala ukuthi kukhona intuthuko,” kuqhuba u-Zitha Kwinika oneminyaka engu-32 ubudala. 

Kunamaqhinga amasha asebenzayo futhi sizama ukufinyelela endleleni yokudlala esiyijabulelayo futhi esiyiqondayo sonke.”

Umdlalo olandelayo we-Kaizer Chiefs uzoba neRichards Bay ePrincess Magogo Stadium eKwaMashu ngoLwesithathu ebusuku.