EzintshaKaizer Chiefs

Okwenze uPetersen engabonakali kwesonozinti beChiefs

  • Intatheli yeLISENETHINI

Esinye sezithombe sikhombise umdlali omusha uGaston Sirino ebukeka ekhululekile futhi ejabule ejima naleli qembu. 

Nokho kube khona isithombe esiveze ukuthi kukhona umdlali obengekho — unozinti uPeter Petersen.

UPetersen, ongumdlali ovamise ukuhlukanisa imibono kubalandeli beChiefs, ubengekho esithombeni sethimba lonozinti. 

Nokho sekuvele ukuthi lo nozinti, oneminyaka engu-29, akajimi ngenxa yokulimala emunweni. 

Izinga lokulimala kwakhe alikacaci, futhi imibiko ithi uPetersen angase aphuthelwe imidlalo embalwa yokuqala yesizini.

Ngesizini edlule, uPetersen ubenezikhathi lapho ebenza kahle khona kodwa ezinakeke kahulu yilapho ebedlisela khona iqembu sengathi uyabukisa. 

Naphezu kwalokhu, ukwazile ukudlala imidlalo engu-24 kwiChiefs, wangangenelwa amagoli kweyisishiyagalombili, wangenelwa amagoli angu-22. 

Njengoba uPetersen engekho, umqhudelwano wendawo kanozinti eqenjini elizoqala imidlalo usuphakathi kukaFiacre Ntwari, uBruce Bvuma, noBonhle Molefe. 

IChiefs izoqala umkhankaso wayo weBetway Premiership ngoSepthemba 14, ekuhambeni neMarumo Gallants eBloemfontein.