
IPirates ixoxisana nomdlali osanda kushiya iGalaxy
I-Orlando Pirates kubikwa ukuthi isiqale izingxoxo nomdlali wasemuva osanda kushiya kwiTS Galaxy njengoba ifuna ukuqinisa udonga lwasemuva.
Leli qembu lisafuna umdlali wasemuva maphakathi odlala ngonyawo lwesokunxele.
Lesi sikhala sidinga ukuqiniswa kulandela ukuhamba kukaMbekezeli Mbokazi odayiswe eqenjini le-US Major League Soccer iChicago Fire.
UKganyane Letsoenyo, oneminyaka engu-28 ubudala, ungomunye wabadlali okuvela ukuthi iPirates iyabafuna.
ULetsoenyo njengamanje akanalo iqembu ngemuva kokuhlukana neTS Galaxy ekupheleni kwesizini edlule.
Lokhu kwenza ukutholwa kwakhe kube lula njengoba engumdlali okhululekile, kanti i-Orlando Pirates ingakwazi ukuqhubekisela phambili izingxoxo ngaphandle kokuxoxisana ngemali yokumthenga neGalaxy.
AmaBhakabhaka anaye uMpho Chabatsane kule ndawo, kodwa lo mdlali akakakwazi ukuthola indawo eqenjini kusukela asayinwa kwiMarumo Gallants ngesizini edlule.
UNkosinathi Sibisi nguyena othandwa ngu-Abdeslam Ouaddou ukuthi adlale ohlangothini lwesokunxele emuva.
Nokho, imininingwane etholwe yiLisenethini iveza ukuthi iPirates izimisele ngokuthola uLetsoenyo.
Inqubo yokuthola isiginesha yakhe isiqalile, kanti izingxoxo ziyaqhubeka.
Ukufika kwakhe kunganikeza u-Ouaddou enye indlela yokuhlela udonga lwasemuva, ikakhulukazi njengoba isizini isazoba nemidlalo eminingi.
- FUNDA NALA | U-Ouaddou uphawula ngoAppollis ongakangeni egiyeni
ULetsoenyo unolwazi lweBetway Premiership futhi useke wabhekana nezingcindezi zokudlala ezingeni eliphezulu.

I-Orlando Pirates inethemba lokuthi ulwazi lwakhe lungasiza ekwandiseni ukuncintisana phakathi kwabadlali basemuva.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
