
Okwenza uVilakazi engafisi uCardoso axoshwe kwiDowns
Inkakha yeMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates, uBennedict “Tso” Vilakazi isiveze isifiso sayo sokuthi engaxoshwa uMiguel Cardoso.
Lo mqeqeshi weSundowns odabuka ePortugal ubukeka eshelwa ngamanzi njengoba leli qembu lihluleka ukubamba umgqigqo kule sizini.
Kumanje iSundowns ilandela iPirates ngamaphuzu amabili embangweni wesicoco seBetway Premiership ekubeni yona seyidlale imidlalo eminingi.
Manje, ekhuluma ngemuva kokubambana kweSundowns neSiwelele FC ngoLwesithathu, uTso Vilakazi uthe uMiguel Cardoso wenza kahle ngoba ulekelela iPirates ukudla lesi sicoco.
“IPirates izoyithatha le ligi,” kusho uVilakazi ngokukhulu ukuzethemba. “Uma nje uCardoso eselaphaya…
“Yingakho ngimthanda uCardoso, kumele ahlale laphaya kwiSundowns ngoba eZimnyama zizoyiwina iligi ngaye.
“Iligi isiphambi kwethu, sekusele kithi ukuthi siyithathe. Sekucacile ukuthi sihamba nayo. Sinomdlalo esisawugodlile.”
Nakumasizini edlule iPirates bekwenzeka isale ngemuva ngemidlalo kodwa igcine yehlulekile ukuyinqoba ukuze ivale igebe.
“Kodwa kulokhu akufani nakumasizini edlule la besiba nokungabaza khona ngemidlalo egodliwe.
FUNDA NALA | UMngqithi uxakwe eyokuxoshwa kukaHunt
“Lo mdlalo esiwugodlile kule sizini usho amaphuzu amathathu,” kuqhuba uVilakazi.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
