EzintshaOrlando Pirates

Kucacile uRiviero akufuna kwiBucs ngeseligi

IPirates inqobe ngo 1-0 sekuvalwe amehlo, ngomzuzu wokugcina ibhekene neKaizer Chiefs kwiSoweto Derby. 

ISundowns iphendule ngokuqumba phansi iGolden Arrows ngo 4-0 eTshwane ngosuku olufanayo.

ISundowns isidlale umdlalo owodwa ngaphezu kwePirates futhi ihamba phambili ngamaphuzu ayisithupha. 

Inqobe imidlalo engu-12 yahlulwa kanye kuphela, ihlulwa ngo 1-0 yiPolokwane City ngo-Okthoba.

IPirates isinqobe imidlalo engu-10 yahlulwa kabili yiCape Town City neStellenbosch, ngo 1-0 kuyo yomibili.

“Uma sifuna ukuzibiza ngabagaqele isicoco kumele sihlose ukuthola amaphuzu angaphezu kuka-70. 

“Ngesizini edlule, iSundowns ithole amaphuzu angu-72,” kusho uRiveiro. 

“Ukuze ube sembangweni wesicoco, awukwazi ukulahla amaphuzu amaningi kakhulu. 

“Yize besidlalela eFNB Stadium, kodwa bekuwumdlalo wasekhaya kithina. Imidlalo yasekhaya ibalulekile emjahweni wesicoco.

“Lokhu kube ukunqoba okukhulu. Kukhulisa ukuzethemba, amandla, nomfutho. 

“Manje sigxile emdlalweni wasePolokwane ongoLwesithathu. Umklomelo uhlala ufana – amaphuzu amathathu.”

IPirates izobhekana neSekhukhune United ngoLwesithathu ebusuku ngaphambi komdlalo wayo omkhulu neSundowns eLoftus Versfeld ngempelasonto.