
Uvume ubunzima beviki uRiveiro iSekhukhune immincisa
Uncome ukuzimelela kwabadlali bakhe umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro bephuma bephuzu kunzima ePeter Mokaba Stadium.
IPirates inqobe ngo 2-1 kwiSekhukhune United emdlalweni obungelula – ikakhulukazi ngasekupheleni kwawo.
URiveiro ukuvumile ukuthi lo mdlalo bawuyeke esiwombeni sokuqala kade bewuphethe, wagcina ucshe ubaphunyuka.
“Ngijabule ngomphumela, siyazi kunzima kanjani ukudlala la,” kusho uRiveiro ngemuva komdlalo.
“Izinga le mbangi ebesibhekene nayo (iSekhukhune) lihle kakhulu.
“Bekumele sisebenzise amathuba esiwathole esiwombeni sokuqala ukuze senze izinto zibe lula.
“Kodwa kwesesibili sisebenze kanzima ukuze sigcine sikwazile ukuthi siphume nomphumela.”
IPirates kade idlala umdlalo onzima ngempelasonto ibhekene neKaizer Chiefs, yanqoba ngo 1-0.
Ngemuva kwalo mdlalo wayo neSekhukhune iya ePitori la izobhekana khona neMamelodi Sundowns ngoMgqibelo.
“Kodwa lona wumdlalo okumele siwubeke emuva manje. Besiphuma komunye umdlalo obunzima. Leli yiviki elinzima kakhulu kithi.”
Uthe ukukhipha kwakhe abadlali bafana noTshegofatso Mabasa, uThalente Mbatha noDeon Hotto bekungekhona ngoba ebaphumuzela iSundowns.
“Asizange sibakhiphe ngoba sibaphumuza, besizama ukuvala emuva ngoba sesinamagoli amabili.”
UChaine uphinde waba yiqhawe leBucs kulo mdlalo njengoba evimbe amabhola amabi, ikakhulukazi esiwombeni sesibili ukuqinisekisa ukuthi amaBhakabhaka abuyela ekhaya namaphuzu aphelele.
Ukungena sekwephuzile kukaLinda Mntambo kwiSekhukhune kushintshe umdlalo wavuna yona.
Iqale yahlasela ngomfutho futhi yacishe yalithola iphuzu. UMntambo ushayele iSekhukhune igoli lokubika ekhaya.
IPirates izihole phambili ekuqaleni kwesiwombe sokuqala ngegoli likaDeon Hotto oshaye ingcwenga ye-free kick ngendlela engajwayelekile.
UMakhehleni Makhaula ube esengeza elesibili ngasekuqaleni kwesiwombe, wabeka izivakashi endaweni enhle.
