
UBaartman uveze obekunzima edlala okokuqala kwiChiefs
ULuke Baartman useveze imicabango yakhe ngomdlalo wakhe wokuqala kwiKaizer Chiefs – akuchaze ngokufezeka kwephupho ukuyijoyina.
Ungene esuka ebhentshini ngesikhathi bedlala ngokulingana neTS Galaxy emdlalweni wokugcina kulo nyaka muva nje.
Lo mdlali oneminyaka engu-19 ubudala ujoyine iChiefs mahhala ngemuva kokushiya iCape Town Spurs ekuqaleni kwesizini.
Udlale okokuqala ngesikhathi engena endaweni kaGeorge Matlou ngomzuzu ka-80 kulo mdlalo obuseMbombela Stadium, eNelspruit.
“Kuzwakale kumnandi ukubuyela enkundleni futhi kwaba yisikhathi sokuziqhenya kimina ukugqoka ijezi leKaizer Chiefs,” kusho uLuke Baartman.
“Ngemva kokuziqeqesha kanzima ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, bekumndani ukuthi ekugcineni ngidlalele lesi sikhungo esikhulu kangaka.”
ULuke Baartman akakwazanga ukudlala ngokushesha kwiKaizer Chiefs ngemuva kokusayina ngenxa yempi yezomthetho iSpurs izama ukuvimbela ukusayina kwakhe.
Yingakho ke ethole kunzima emdlalweni wakhe wokuqala, kodwa wakhombisa izimpawu zokuba ngumdllai omuhle kakhulu.
“Nakuba bekungelula, njengoba bese kunesikhathi ngingadlali, ngizizwa ngibe nesandla ekuhlaselweni njengoba besizama ukugqekeza udonga lweGalaxy,” kwengeza yena.
UBaartman uzobe enethemba lokuthola isikhathi esengeziwe somdlalo uma Amakhosi esebuyela enkundleni ngemuva kwekhefu le-Afcon.
Izoqala ngokubhekana neGolden Arrows ngoJanuwari 20. Lo mdlali osemncane weChiefs uthumele umyalezo kubalandeli beqembu.
“Ngifisela abalandeli bethu amaholide enjabulo noKhisimusi ojabulisayo,” kusho uBaartman.
FUNDA NALA | UKhoza udalula imfihlo yempumelelo yeBucs
“Sibheke ngabomvu ukuphinde sibabone ngobuningi futhi ngemva kwekhefu njengoba siqala kabusha imikhankaso yethu yeligi neyeConfederation Cup.”
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
