
Okwenza u-Ouaddou abone uZidane kuDlamini wePirates
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, useyancome kakhulu indlela uKabelo Dlamini aziphathe ngayo njengoba elwela ukwelulama ngemuva kokulimala okumgcine ngaphandle isikhathi eside.
UDlamini, oneminyaka engu-30, usebuyele ekuziqeqesheni ngokugcwele neqembu kanti wagcina ukudlala ngoNovemba nyakenye.
IPirates inethemba lokuthi maduze izophinde ibe nalo mdlali ongomunye wabanekhono lokwakhela iqembu amathuba okushaya amagoli.
Lo mdlali usedlale imidlalo engu-187 kwiPirates, washaya amagoli angu-21 futhi wakha angu-23.
Ukubuya kuka-Kabelo Dlamini eqenjini lika-Abdeslam Ouaddou sekubaluleke kakhulu ngemuva kokuhamba kukaRelebohile Mofokeng noPatrick Maswanganyi.
“UDlamini usebenza kanzima nsuku zonke ukuze abuye futhi awkazi ukusiza eqenjini.
“Ngiyayithanda indlela azimisele ngayo uma eziqeqesha nsuku zonke,” kusho u-Ouaddou.
Uchaze uDlamini njengomdlali obalulekile ngenxa yobuhlakani bakhe nokukwazi ukushaya amaphasi ezindaweni ezincane lapho abanye abadlali bengakwazi khona.
U-Ouaddou uphinde wamfanisa noZinedine Zidane, kodwa wagcizelela ukuthi ubengaqhathanisi amakhono abo ngokuphelele.
“Angifuni ukumfanisa noZidane,” kusho yena. “Kodwa noZidane wayekwazi ukuthi uzokwenzani ngaphambi kokuthi athole ibhola.”
- FUNDA NALA | USolomons nesexwayiso kwiChiefs
Ukubuya kuka-Kabelo Dlamini kuzonikeza u-Abdeslam Ouaddou enye inketho kubadlali abahlaselayo.
Nokho akulindelekile ukuthi angadlali uma iPirates seyibhekene neLa Cure Waves yaseMauritious ngoMgqibelo ntambama.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
