Caf Champions LeagueEzintsha

Usale engakholwa iBucs imshaya ngenduku ayaziyo

Umqeqeshi weJwaneng Galaxy uMorena Ramoreboli useveze ukudumala kwakhe ngeqembu lakhe.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi iqembu lakhe lishaywe ngo 2-0 yi-Orlando Pirates emdlalweni womlenze wokuqala kweyokudlunga kwiCaf Champions League. 

Lo mdlalo ububanjelwe enkundleni yezemidlalo iBotswana National Stadium, eGaborone ngoMgqibelo ntambama.

I-Orlando Pirates izibeke endaweni enhle ngamagoli kaTshegofatso Mabasa esiwombeni sokuqala nelikaDeon Hotto kwesesibili.

Lokhu kunqoba kwePirates bekuwukubuyiselwa kwezinduku zishisa kwazise ngesizini edlule iJwaneng Galaxy yawashisa iPirates esigabeni esifanayo somqhudelwano.

Ngonyaka odlule, i-Galaxy iwine umdlalo wokuqala ngo 1-0, kanti nakuba iPirates iwine owesibili ngo 1-0, i-Galaxy yanoba ngo 5-4 kumaphenathi. 

URamoreboli ubethemba ukuthi kuzoba nomphumela ofanayo nakulokhu.

Nokho, uyavuma ukuthi ukhungathekile ngendlela iqembu lakhe elidedele ngayo amagoli kwazise ubelixwayisile.

“Sidumele ngomphumela, kodwa ngicabanga ukuthi sidlale kahle kakhulu”, kusho uRamoreboli ngemuva komdlalo.

“Sibe nezikhathi lapho besingase sikwazi khona ukushaya igoli, kodwa safathuza uma sesibheke epalini.”

Lo mqeqeshi ugcizelele ukuhti igoli lokuqala lePirates, echaza ukuthi bebeyihlaziyile iminyakazo kaTshegofatso Mabasa ebhokisini ngaphambi komdlalo.

“Sakhuluma ngendlela anyenya ngayo njalo ukuze athole isikhala ukuze akhahlelele ipali.

“Futhi yilokho kanye akakwenzile bethola igoli. Kuyadumaza ngoba kwenzeke esigabeni esibucayi somdlalo”.

Igoli lesibili lePirates lifike ngesikhathi iGalaxy icindezela izama elokulinganisa. 

URamoreboli uchaze ukuthi babecindezela kanjani kodwa bashiya isikhala emuva esinike iPirates intuba yegoli.

“Besingakwenza kangcono, kodwa angashesha ukubuyela emuva, ngalokho bakwazile ukushaya igoli lesibili”.

Naphezu kokuhlulwa, uRamoreboli usenethemba lokuthi bengawuguqula umphumela emlenzeni wesibili.

“Ngemuva kokushaya kwabo igoli, siqhubekile sacindezela, kodwa cishe besingadalelwe ukuthola igoli namuhla.

“Ibhola linjalo ke, ngezinye izikhathi kufanele wamukele umphumela. Manje, kudingeka sihlelele umlenze wesibili,”

Umlenze wesibili uzoba yisivivinyo esiqinile kwiJwaneng Galaxy njengoba isilandela ngemuva nagamagoli ewadedele ekhaya.

Leli qembu likaRamoreboli lizodinga ukwenza kahle ukuze libe nethuba lokuqhubekela phambili kulo mqhudelwano.

Umdlalo womlenze wesibili uzoba se-Orlando Stadium okulindeleke igcwale phama ngempelasonto ezayo.