Ezintsha

UPercy Tau naye usekhonjiwe ephume uBlom kwelaseVietnam

Owayeyisihlabani seMamelodi Sundowns u-Percy Tau naye usengumdlali ongajoyina noma yiliphi iqembu mahhala. 

Lokhu kulandela ukukhululwa kwakhe ngokusemthethweni yiqembu laseVietnam iNam Định FC.

Leli qembu likuqinisekisile ngoLwesine ukukhululwa kukaPercy Tau. 

Lokhu kuyingxenye yezinguquko njengoba le kilabhu ihlela kabusha isikwati sayo ukulungiselela isizini entsha.

Owayengumdlali wasesiswini weKaizer Chiefs uNjabulo Blom naye uphakathi kwabadlali abakhonjwe indlela yileli qembu laseVietnam.

U-Percy Tau ujoyine iNam Din ethwelwe ngeqoma kulandela ukushiya kwakhe kwiQatar SC, kodwa ukuhlala kwakhe eVietnam sekube okwesikhashana.

Khonamanjalo, uBlom ube nesikhathi esibi ekilabhini ngemuva kokubanjezelwa ukulimala, wagcina engadlalanga nakanye.

Ukuphuma kwabo bobabili abadlali baseNingizimu Afrika sekuvele kuqubule ukuqagela ngekusasa labo.

Sekukhona abahlonza ukuthi laba bobabili bazobuyelakwiPSL ngesizini ezayo.

U-Percy Tau usalokhu engomunye wabadlali ababe nempumelelo encomekayo ngaphandle kwakuleli.

UBlom uke yena wazibonakalisa njengomunye wabadlali abazoba nekusasa elihle ngesikhathin sakhe kwiChiefs ngaphambi kokuthuthela phesheya.

Njengoba bobabili laba badlali sebetholakala mahhala, kulindeleke baphenduke inyama kwamanye amaqembu.