
UTovey ufuna isikhundla kwiChiefs ‘ezolungisa isimo’
- Alfred NGUBANE
UNeil Tovey, owayengukaputeni kwiKaizer Chiefs neBafana Bafana, usebhoboke ngesifiso sakhe sokubuyela eNaturena.
Ekhuluma neLisenethini, uTovey uthe ufuna ukuba ngumqondisi wabaqeqeshi kuMakhosi.
Uke wawenza lo msebenzi kwiSafa phambilini, kodwa wabuye wakhululwa kuwo njengoba sewuphethwe uWalter Steenbok.
“Abadlali beKaizer Chiefs kudingeka ukuthi ubakhalime ngaphandle kwenkundla ngoba yilapho benza khona izinto ezingadingeki,” kusho uTovey.
“Thina besikhalinywa nguSam Motaung ongumfowabo kaKaizer Motaung (usihlalo weChiefs).
“Lapho iKaizer Chiefs iya khona ubehamba nathi, ngisho sidlala eqenjini lesizwe iBafana Bafana ubehlala ekhona.
“Uma uzokhumbula ukuthi bancane abadlali abaphume esandleni kwiKaizer Chiefs uma uqhathanisa namanye amaqembu.”
UTovey ukholwa wukuthi ukuba seduze komuntu ofana naye, owaziyo umlando weqembu kungasiza kubadlali ukuthi babe nomuntu abazokhuluma naye uma benezinkinga.
Le nkakha ibuye yanxusa nabalandeli ukuthi banike umqeqeshi, uNasreddine Nabi ithuba lokuthi enze umsebenzi wakhe ngaphandle kwengcindezi.
UNabi ukwisizini yakhe yokuqala kuMakhosi kanti abanye babalandeli sebeqalile ukushaya amakhala ngaye, kulandela ukushaywa yiMamelodi Sundowns kulandelana.
