
IChiefs ne-Arrows bavele badumaza kowa‘magqubu’
I-Kaizer Chiefs iye eMpumalanga ifuna ukuziphindiselela kwi-Golden Arrows, kodwa yagcina ibuye nephuzu elilodwa ngemuva kokudlala ngokulingana ngo-0-0 eMbombela Stadium.
Lo mdlalo ube nesasasa elikhulu ngaphandle kwenkundla kunangaphakathi kuyo.
I-Arrows kuphoqe ukuthi isuke KwaZulu-Natal ngenxa yenkinga yenkundla, yayowudlalela eMbombela lo mdlalo, okuyindawo eqhelelene kakhulu nasekhaya.
Le nkundla beyivuna kakhulu iChiefs. Kodwa okukhulu kakhulu wukuthi bekukhona nesikweletu phakathi kwala maqembu.
I-Golden Arrows iyona kuphela iqembu elisahlule i-Kaizer Chiefs kule sizini, ngemuva kokuthi ikhiphe Amakhosi kwiMTN8 ngo-Agasti.
IChiefs ibingene emdlalweni ifuna ukubuyisela isithunzi sayo, kodwa kube wumdlalo la womabili amaqembu abebukeka egad ekakhulu ukungahlulwa kunokufuna ukunqoba.
Amakhosi angene kulo mdlalo engelinye lamaqembu anamagoli amaningi kwiBetway Premiership.
Kodwa ukuzivikela kwawo emuva yinto engabalalisi ubuthongo abalandeli bawo njengoba beyisidedele amagoli ayisikhombisa emidlalweni eyisithupha.
Njengoba ukaputeni uBrandon Petersen ebengekho ngenxa yokulimala, uRenaldo Leaner uthole ithuba lakhe lokuqala.
UFaaiz Abrahams naye uqale esikhundleni sikaWandile Duba olimele, kodwa akakwazanga ukunika i-Kaizer Chiefs amandla ebilindelwe phambili.
IChiefs ibekelwe iphenathi esiwombeni sokuqala, kodwa yavele yadlala ngayo, uLebohang Maoe eyishaya eceleni kwepali.
I-Golden Arrows yona iqhubeke ngendlela edume ngayo kule sizini — ivale izikhala futhi yavikela kahle.
Ikwazile ukungangenelwa goli emidlalweni eyisithupha kweyisikhombisa esiyidlalile.
Kodwa nayo inenkinga yokushaya amagoli, njengoba isashaye amathathu kuphela kule sizini.
Lo mphumela awushintshanga izindawo zala maqembu kwilogi.
IChiefs isendaweni yesine ngamaphuzu angu-13, kanti i-Arrows isendaweni yesishiyagalombili ngamaphuzu ayisishiyagalombili.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
