Ezintsha

Okuzokwenzeka ngeRoyal AM ngolukaNurkovic

Ummeli omele uSamir Nurkovic empini ka-R15-million ayilwa neRoyal AM, usedalule ukuthi le kilabhu isalelwe yisonto elilodwa ukuthi ikhokhe noma ibhekane nemiphumela emibi kakhulu.

IRoyal AM isanda kukhala ngaphansi esicelweni sayo ebisifake kwiCourt of Arbitration for Sport sokusulwa kwesigwebo eyasithweswa yiFifa ngokwephula inkontileka kaNurkovic. 

Manje ummeli uDavor Lazic, omele uNurkovic kulolu daba useveze ukuthi abakaboni nesenti.

Yize leli qembu lePremier Soccer League (PSL) lizame konke ngommeli walo eLeruma Thobejane ukuthi kuhoxiswe lesi sigwebo, iCas inqume ukuthi yaba sephutheni.

ULazic usethembise ukuthi uzophinde abuyele kwiFifa ukuyobika ngokwehluleka kweRoyal AM ukuhlonipha isinqumo esikhishiwe.

Lokhu kungasho ukudonswa kwamaphuzu, ukwehliselwa esigabeni esiphansi – noma uma kuyibhimbela kakhulu – kwenzeke kokubili lokhu. 

“Kuze kube manje, akukho okusenzekile. Sike saxhumana nje nge-email izikhashana ezimbalwa, 

“Kodwa akukho okuphawulekayo okwenzekile,” usho kanje uLazic kwabeSABC Sport.

“Abakaze bakhokhe kuze kube manje, futhi thina simile kwelokuthi inkokhelo siyifuna iphelele ihambisana nenzalo. 

“Uma behluleka ukuthobela lokho kuze kube maphakathi nesonto elizayo, sizoludlulisela kwiFifa lolu daba, siqinisekise ukuthi kulokhu akubandakanyi iRoyal AM kuphela, kodwa neSafa nePSL.”

Muva nje, usihlalo weligi u-Irvin Khoza uthe iPSL ngeke ikwazi ukuzifaka engcupheni yokuphothula umkhankaso ka-2024/25 amaqembu engasaphelele.

“Lokho kungaba yinto eyihlazo nehlambalaza umsebenzi wethu,” uchaze kanje uKhoza ebuzwa ngale ndaba.

Manje sekubhekwe ukuthi yiziphi izinyathelo ezizothathwa yiRoyal AM ezinsukwini ezizayo.