EzintshaOrlando Pirates

Okwenza uJose Riveiro angakhathazeki ngoSibisi kwidabhi

UNkosinathi Sibisi uthole ikhadi elibomvu ngesikhathi iPirates ihlulwa yiSekhukhune United ngoLwesithathu ebusuku. 

Uphume sekusele imizuzu embalwa umdlalo uphele ngemuva kokuthola ikhadi lesibili eliphuzi. 

Lokhu kusho ukuthi uNkosinathi Sibisi uzobe engekho uma sebebhekene neKaizer Chiefs kodwa uJose Riveiro akakhathazekile. 

IPirates izobhekana neKaizer Chiefs eFNB Stadium ngoMgqibelo ntambama emdlalweni weBetway Premiership. 

“Uqinisile, uzobe engekho impela,” kuvuma uRiveiro uma ebuzwa ukuthi kuzokwela kanjani ukungabi bikho kukaSibisi.

“Kodwa kuzoba khona omunye ozodlala. Sizodlala ngabadlali abangu-11.

“Sinabadlali abaningi abahle abakulungele ukungena benze umsebenzi.

“Khona sizomkhumbula uSibisi njengawo wonke omunye umdlali uma engekho kodwa ukhona ozobe elungele ukuvala isikhala sakhe. 

“Sizobe siwulungele umdlalo wangoMgqibelo,” kuqhuba lo mqeqeshi osesalelwe yizinyanga ezimbili kulo msebenzi wakhe. 

Ebuzwa ngokuthi usalethemba iqembu lakhe ukuthi lingayiketula iMamelodi Sundowns esicocweni seligi, uphendule ngendlela exakile. 

“Ngiyazethemba? Cabanga nje uma ngingathi cha? Kumele ngibe nethemba,” kuchaza uRiveiro.

“Laba badlali badlale kahle isizini yonke, benza abantu baba nokulethemba iqembu. 

“Ngakho ukuhlulwa umdlalo owodwa namuhla akusho ukuthi ngeke sisaziqhenya ngendlela esisebenza ngayo.

“Ngeke singaziqhenyi ngaleli qembu futhi nginesiqiniseko sokuthi ngoMgqibelo bazobuya ngamandla.”

Cishe uRiveiro uzobuyisela uTapelo Xoki endaweni kaSibisi njengoba abanye abadlali basemuva maphakathi nenkundla besalimele.